Izindaba Ezingokwasezulwini
◆ Phakathi nenyanga kaOctober noNovember, kwaba nemihlangano yesigodi engu-28 eArgentina kwaba khona abantu abangu-130 262. Abamemezeli abangu-79 858 ababika umsebenzi ngoNovember bamelela inani elisha eliphakeme kunawo wonke.
◆ l-lceland yabika inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-233 ngoNovember. Kwaba khona inani eliphakeme lababekhona labangu-382 ngosuku lomhlangano wabo wamuva okhethekile.
◆ NgoNovember i-lreland yabika inani layo labamemezeli eliphakeme labangu-3 255 eselingelika-20. Kwakukhuthaza ukuphawula ukuthi abangu-78 babhapathizwa ochungechungeni lwamuva lwezinsuku zomhlangano okhethekile.
◆ IMadagascar yaba nokwanda okungamaphesenti angu-8 ngoNovember kanye nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-3 424 ababika.
◆ ISt. Maarten yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-141 ngoNovember, ukwanda okungamaphesenti angu-17. Osukwini lomhlangano wabo okhethekile kwaba khona abangu-282.
◆ IZimbabwe yafinyelela inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-17 113 ngoNovember. Baqhuba ingqikithi yezifundo zeBhayibheli ezingu-19 190.
◆ Ikilasi lesihlanu Lesikole Sokuqeqeshela Inkonzo eUnited States lithole iziqu eLos Angeles, eCalifornia ngeSonto, ngoJanuary 14, 1990. Abafundi abaphothula izifundo abangu-20 babelwa ukuba bakhonze emazweni ahlukahlukene ayisithupha angaphandle kweUnited States.