IZindaba Ezingokwasezulwini
ENingizimu Afrika: EBloemfontein kwaba nomhlangano oyingqophamlando ngoAugust 3 no-4 1991, lapho amaKomiti Okwakha Ezifunda angu-22 ayemelelwe izihambeli ezingu-102 ezivela kulo lonke izwe ayehlangane ukuze axoxe ngesidingo esiphuthumayo samaHholo oMbuso engeziwe. SinamaHholo angu-257 kulelizwe. Ukuze kuhlangatshezwane nesidingo, kudingeka amaHholo angu-259 engeziwe khona manje. Kwacatshangelwa ngokungathi sína izindlela zokwakha ezisheshayo nezingabizi kakhulu. Ukusebenzelana kwamalungu amakomiti ezifunda ezehlukene kwabonakala kuwusizo. Izihambeli ezinentshiseko zaphindela emakhaya zizimisele ukusheshisa ngokwengeziwe isimiso sazo sokwakha. Ukusekela kwenu ngokwethembeka isimiso sokwakha amaHholo oMbuso kwaziswa kakhulu.