Izindaba Ezingokwasezulwini
◆ IDominican Republic yabika inani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-11 205 ngoDecember. Izifundo zeBhayibheli zaziphakeme ngamaphesenti ayi-18 kwezangoDecember odlule zaba eziyizi-20 067, futhi izimpindelo zaziphakeme ngamaphesenti angama-25.
◆ IGuyana yaba nokwanda kwamaphesenti ayisi-8 esilinganisweni sangoyaka odlule, ngenani eliphakeme labamemezeli abayi-1 468 ngoDecember.
◆ I-Ireland yafinyelela inani layo eliphekeme lesishiyagalolunye lamanani alandelanayo labamemezeli ngoDecember ngabayi-2 930 ababika. Futhi kwabikwa inani eliphakeme lamaphayona avamile ayizi-298.
◆ I-Italy yafinyelela inani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-163 692 phakathi noDecember, ukwanda ngamaphesethi ama-5 esilinganisweni sangonyaka ophelile. Abamemezeli bebandla benza isilinganiso samahora ayi-13,1 enkonzweni.
◆ IMartinique yaba nenani elisha eliphekeme labamemezeli abayizi-2 649 ngoDecember befinyelela ukwanda ngamaphesenti ayisi-9, inani labo labamemezeli lesine ochungechungeni lwamanani aphakeme. Umhlangano wabo wosuku olukhethekile waba nabantu abayizi-4 941, futhi kwabhapathizwa abangama-77.
◆ IPeru yaqhubeka iba nokwanda okuhle njengoba yabika inani elisha labamemezeli abayi-29 187 ngoDecember, ukwanda ngamaphesenti ayi-11 enanini lenyanga efanayo ngonyaka odlule. Abamemezeli bebandla benza isilinganiso samahora ayi-14,8 ensimini.