Izindaba Ezingokwasezulwini
◆ IAustralia yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-48 558 ngo-October. Lokhu kuwukwanda ngabamemezeli abayizi-3 144 kunango-October wonyaka odlule.
◆ ICôte d’Ivoire yabika inani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-2 926 ngo-October. Inani lamaphayona avamile linyuka nyanga zonke. Kumanje amaphesenti ayi-18 abamemezeli ayaphayona.
◆ ICyprus ibe nenani layo eliphakeme lesine labamemezeli abayi-1 168 ababika ngo-October.
◆ IHong Kong yajabula ukubika inani elisha eliphakeme labamemezeli abayi-1 795 nenani elisha eliphakeme lezifundo zeBhayibheli eziyizi-2 929 ngo-October. Abamemezeli bebandla baba nesilinganiso samahora ayi-16,4.