IZindaba Ezingokwasezulwini
EBolivia: Igatsha labika inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-9 588 ngo-October. Bafinyelela namanani amasha aphakeme ezifundo zeBhayibheli, izimpindelo, abamemezeli bamabandla, kanye namaphayona avamile. Abamemezeli bamabandla babenza isilinganiso samahora angu-14 enkonzweni yasensimini.
ENdiya: Ngo-October kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-13 217. Leli kwakuyinani labo eliphakeme elingelesithathu elandelana.
ELithuania: Umbiko wango-October ubonisa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-871, ukwanda ngamaphesenti angu-39 ngaphezu kokwango-October 1992.