Ingabe Ungakwandisa Ukudumisa Kwakho UJehova Phakathi No-April?
1 Umhubi uDavide wayenesifiso esisuka enhliziyweni sokudumisa uJehova ngokwamukelekayo, ngakho wathi: “Ngiyakumbonga uJehova ngomlomo wami ngimdumise esixukwini.” (IHu. 109:30) U-April uyinyanga enhle ‘yokwengeza ekudunyisweni kwakhe’ ngokwandisa ukuhlanganyela kwethu enkonzweni yasensimini. (IHu. 71:14) Ingabe uhlela ukuba phakathi kwabaningi abakwenzayo lokhu ngokuba ungene ezinhlwini zamaphayona asizayo?
2 Hlela Manje: KuzAga 21:5 sikhunjuzwa ukuthi “imicabango yokhutheleyo isenzuzweni.” Lokhu kudinga ukuba lendaba uyiyise kuJehova ngomthandazo, umbeke phambili emalungiselelweni akho. (IzAga 3:5‚ 6) Ngokulandelayo hlolisisa isimiso sakho samanje ukuze ubone ukuthi ungakwenza kuphi ukulungisa ukuze uchithe isilinganiso samahora amabili ngosuku enkonzweni. ‘Ukuthengisisa’ kwakho isikhathi kweminye imisebenzi kukwenza ukwazi ukunikela isikhathi esengeziwe emsebenzini wokushumayela.—Efe. 5:16.
3 Xoxa Futhi Ubambisane Nabanye: Umphostoli uPawulu wakhuluma ngabathile “ababemqinisa” ekufezeni inkonzo yakhe. (Kol. 4:11, qhathanisa ne-NW.) Xoxa ngamalungiselelo akho owenzayo nabanye abafuna ukubhalisa ngo-April. Ukusekela kwabo nobungane kungaletha izinzuzo ezingokomoya kuwe nakubo. Umbonisi wenkonzo angakusiza uma unemibuzo ephathelene namalungiselelo enkonzo noma insimu eningayisebenza. Ingabe singaphinda sizibekele umgomo wokufinyelela inani elisha eliphakeme emaphayoneni asizayo ngo-April?
4 Ukubambisana nokusekela komkhaya kungawasiza amalungu ngamanye ukuba abe amaphayona asizayo. Imisebenzi yasekhaya kungase kudingeke ihlelwe kabusha okwesikhashana. Isimiso sokunakekela lemisebenzi naso singase sidinge ukulungiswa okuthile. Umhlangano womkhaya wokuxoxa ngalezidingo ungase ube wusizo ekufezeni umgomo wakho. Ukukhulumisana okuhle nokubambisana kuyisihluthulelo sempumelelo.
5 Hlala Unombono Oqondile: Ungasheshi ukucabanga ukuthi ngeke ukwazi ukuba yiphayona elisizayo ngenxa yezimo ezingezinhle. Intsha esikoleni, abantu asebethathe umhlala-phansi, omama bamakhaya abanezingane, izinhloko zemikhaya ezisebenza isikhathi esigcwele, bonke baye bakwazi ukuzidela—futhi ngokujabulisayo—bakwazi ukuba amaphayona asizayo ngo-April. Bavumelana nomhubi ngokuthi “ukudumisa kubafanele abaqotho,” futhi abazange bakucabangele njengokungaphezu kwamandla ukwenza umzamo owengeziwe odingekayo ukuze bachithe amahora angu-60 enkonzweni. (IHu. 33:1) Uma ungakwazi ukubhalisa, kungani ungahlanganyeli kulenjabulo ngokwandisa umsebenzi wakho njengommemezeli webandla?
6 Ngabaningi, ukuba yiphayona elisizayo ngo-April kuye kwaba indlela eholela enkonzweni yamaphayona avamile. Njengoba sebewandisile umsebenzi wabo, bathola ukuthi ukushintshela emsebenzini wamaphayona avamile kulula kakhulu. Abantu esifunda nabo iBhayibheli abahlangabezana nezimfuneko ezihlelwe emakhasini 98 no-99 encwadi ethi Ukuhlelelwa nabafisa ukuhlanganyela enkonzweni yasobala kufanele basizwe ukuba babe abamemezeli abangabhapathiziwe. Uma sonke sihlanganyela njalo enkonzweni phakathi no-April, sisiza abasha ukuba bahlanganyele nathi, bese sibika inkonzo yethu yasensimini ngokushesha ekupheleni kuka-April, asikho isizathu sokuba singalifinyeleli inani elisha eliphakeme labamemezeli phakathi no-April.
7 Yebo, lenkathi yonyaka yenza kube lula ukwandisa umsebenzi ongokwasezulwini ngo-April. Abamemezeli abaningi abasha basemaholidini esikole. Futhi kunamaholide amaningi omphakathi. U-April 9 uwuSuku lwethu Lukamagazini olukhethekile oluzokwenza abaningi bethu bakwazi ukuchitha usuku lonke ekuhambiseni omagazini, kokubili endlini ngendlu nasekufakazeni emigwaqweni. Sifuna ukwenza konke okusemandleni ukuze sidumise uNkulunkulu wethu, uJehova. Ukuba yiphayona elisizayo ngo-April kuyindlela enhle yokubonisa ukwazisa kwethu izenzo zakhe eziningi zomusa esingawufanele asibonisa wona.