IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa phakathi no-March: Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ngomnikelo ka-R4,50. Ngo-April nango-May: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda somagazini abaphuma kabili ngenyanga ngomnikelo ka-R19,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R9,50. Ngo-June: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,00.
◼ Sizani niphawule ukuthi kusukela manje inani lamaBhayibheli alandelayo lishintshile ngenxa yokukhuphuka kwamanani ezweni lakithi:
Amaph. Iningi
AmaBhayibheli esiBhunu nawezilimi zabaNsundu R13,00 R15,00
Sizani nishintshe ngokufanelekile Uhlu Lwamanani.
◼ Bonke abahlanganyela nebandla kufanele bazithumele ngebandla zonke izikhokhelo ezintsha nezivuselelwayo ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, kuhlanganise nezikhokhelo zomuntu siqu.
◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-March 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yazisani ibandla lapho lokhu sekwenziwe.
◼ Sithanda ukukhumbuza abafowethu ukuthi isidingo sezingubo ezinikelwayo singesiqhubekayo. Sisathola imibiko ephuthumayo evela kubafowethu abadinga izingubo zokugqoka futhi siyokwazisa konke abafowethu abakunikelayo.