Izindaba Ezingokwasezulwini
◆ Siyabatusa abamemezeli, amaphayona, namaphayona akhethekile esikhashana angu-10 537 ngemiphumela emihle ayitholile ensimini engabelwe kusukela kuAugust kuya kuOctober 1989. Umbiko ubonisa ukuthi emahoreni angu-147 507 asetshenzwa, kwahanjiswa izincwadi ezingu-19 643, izincwajana ezingu-42 674, omagazini abangu-66 119, kwatholakala izikhokhelo ezingu-414, kwenziwa izimpindelo ezingu-16 831 futhi kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-2 374. Ubufakazi obuhle ngempela! Hlela ukuphinda ube nengxenye kusukela kuAugust kuya kuOctober kulonyaka.
◆ Kube khona ingqikithi yemihlangano yesigodi engu-17 ‘Yokuzinikela KuNkulunkulu’ eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane, nengqikithi evelele yababekhona engu-116 427. Sekukonke kwabhapathizwa abangu-2 325. Omunye umhlangano wesigodi waba seMaputo, eMozambique, wabazalwane bethu abasengxenyeni yezwe eseningizimu. Kwakujabulisa ukubona abangu-8 088 ababekhona, nabangu-212 ababhapathizwa.
◆ Ngo-October, iNigeria ibike abamemezeli abangu-139 150, okuyinani labo eliphakeme lesibili onyakeni omusha wenkonzo. Baba futhi namanani aphakeme amasha amaphayona avamile angu-9 244 nezifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezingu-183 701.