Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/90 k. 8
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngobuhlakani

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngobuhlakani
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUQONDA UMNINIKHAYA
  • UKUFANELANISA INTSHUMAYELO YAKHO
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuqonda
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Ukuhlanganyela Ngokuphumelelayo Enkonzweni Yethu Esindisa Ukuphila
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Siza Abanye Ukuba Bafunde Ngendodana KaNkulunkulu, UJesu Kristu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokuvumelana Nezimo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 3/90 k. 8

Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngobuhlakani

1 Umphostoli uPawulu wasigcizelela isidingo sokusebenzisa ubuhlakani ekushumayeleni izindaba ezinhle kubantu abanezinkolelo nezizinda ezihlukene. Osukwini lwethu, abanye abantu bathi bayayithanda inkolo, kuyilapho abanye bengathambekele ezintweni ezingokomoya futhi bengazazisi izindinganiso ezingokomoya. Njengabamemezeli bezindaba ezinhle, kumelwe senze isigijimi soMbuso sikhange “kubo bonke” ngokusebenzisa ubuhlakani enkonzweni.—1 Kor. 9:19-23.

UKUQONDA UMNINIKHAYA

2 Ukusebenzisa ukuqonda ngendlela ephumelelayo enkonzweni yasensimini kuhilela ikhono lokufanelanisa intshumayelo yethu nezithakazelo zomninikhaya. Lokhu kudinga ukulungiselela okuhle. Ngokujwayelana ngokuphelele nezihloko eziningi ezihlukahlukene ezicatshangelwayo ezincwadini nakomagazini abatholakalayo, ummemezeli angakulungela ukushumayela izindaba ezinhle ngamaphuzu ahlukahlukene okungakhulunywa ngawo. Njengoba sikhuluma nasebekhulile, intsha, izinhloko zamakhaya, omama, abesifazane abasebenzayo, nabanye, sidinga ukucabangela izimo zabo siqu futhi sisebenzise ubuhlakani ekukhetheni ukwaziswa esiyokhuluma ngakho.

3 Njengoba ukhuluma nomninikhaya, qaphela indawo emzungezile. Ungase ukwazi ukubona ukuthi umninikhaya ungumzali, unesizinda senkolo ethile, unesithakazelo esikhulu ekunakekeleni ikhaya lakhe, njalonjalo. Unalolulwazi, ungafanelanisa isethulo sakho nezimo nezithakazelo zomninikhaya. Ngemibuzo yokuhlakanipha nangokulalelisisa lokho okushiwo ilowomuntu, ungase uqonde izinkolelo zakhe nemizwa yakhe bese ubona indlela engcono yokuqhubeka nentshumayelo yakho.

UKUFANELANISA INTSHUMAYELO YAKHO

4 Uma ubone amathoyizi noma izingane ngesikhathi usondela endlini, ungase uqalise iSihloko Sengxoxo samanje ngokuthi: “Besikhuluma nabazali kulomphakathi ngeziqondiso abazinikeza abantwana babo. Abazali abaningi bakhathazekile ngokuntuleka kwesiqondiso sokuziphatha kubantwana ezikoleni. Ingabe ikhona inkinga oye wayibona ngokuqondene nalokhu?” Lalela impendulo yomninikhaya. Uma impendulo ibonisa ukuthi umninikhaya uthambekele enkolweni, ungase uqhubeke uthi: “Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli libonisa isidingo sokuba thina nabantwana bethu samukele isiqondiso esihlakaniphile. Phawula lokho okushiwo lapha kuzAga 14:12.” Ngemva kokufunda umbhalo, ungase uthi: “Muva nje ngifunde okuthile okugcizelela indlela iseluleko seBhayibheli esiwusizo ngayo kithi.” Phenya ekhasini 174 lencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? bese ufunda isigaba sokugcina kulesosahluko. Hambisa lencwadi ngo-R2,50.

5 Uma impendulo yomninikhaya ibonisa ukuthi akasazisi iseluleko seBhayibheli, ungabonisa ubuhlakani ngokushintsha intshumayelo yakho uthi: “Ngingabuza ukuthi kungani wafika kulesosiphetho?” Ngemva kokulalela impendulo, ungaqhubeka uthi: “Ngiyaqonda ukuthi kungani uzizwa ngendlela ozizwa ngayo. Eqinisweni, ngisanda kufunda okuthile kulencwadi engiqinisekayo ukuthi uzokuthola kuthakazelisa.” Phenya ekhasini 6 bese ufunda izigaba 3 no-4. Futhi, funda umusho wokuqala esigabeni 5 ekhasini 7. Buza umninikhaya ukuthi angathanda yini ukuhlola lokho abanye abantu abakwamukela njengobufakazi bokuba yiqiniso kweBhayibheli.

6 Njengoba silungiselela kahle futhi sibonisa ubuhlakani enkonzweni kaJehova, siyokwazi ukusho njengoba kwasho umphostoli uPawulu, “sengaba-yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye.”—1 Kor. 9:22; IzAga 19:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela