Ukushumayela Izindaba ezinhle Ngokuhambisa Izikhokhelo Ngesibindi
1 Ngokungangabazeki INqabayokulinda iwumagazini wokutadisha iBhayibheli omuhle kunabo bonke emhlabeni! Ingabe uyaqiniseka ukuthi lokhu kunjalo? Uma kunjalo, khona-ke akufanele yini ukuba wonke umuntu anikezwe ithuba lokwenza isikhokhelo sawo?
2 Uye wasizakala kanjani wena siqu ngokufunda INqabayokulinda? Ngokunokwenzeka sonke singalandisa ngezindlela lomagazini oye wasisiza ngazo. Abanye bangase bathi uye waba yindlela eyinhloko yokusiqaphelisa ngokubaluleka kwezikhathi esiphila kuzo. Noma uye wasenza sakwazi ukuqonda incazelo yangempela ‘yezibonakaliso zezikhathi’ ekhungathekisa abantu namuhla. (Math. 16:3) Abanye bangase bathi baye baduduzwa izindaba ezinhle zokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzobhubhisa labo abacindezela abanye abantu. INqabayokulinda iye yasekela lowomqondo kusukela ekuqaleni kwayo eminyakeni engu-110 edlule. Ngokungangabazeki sonke singasho ukuthi lomagazini weBhayibheli ophawulekayo uye wasisiza ukuba sakhe ukholo elungiselelweni lesihlengo elinikeza abantu abangaphelele ithuba lokuzuza ukuphila okuphakade. Abanye bayakudinga ukufunda lamaqiniso.
YIBA NOMBONO OQONDILE
3 KuNqabayokulinda kugcizelelwa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu hhayi ingqondo yomuntu. (Isaya 55:8, 9) Wonke umuntu namuhla uyakudinga ngempela ukuhlakanipha okunjalo. Kungathuthukisa ukuphila futhi kusize ekuhlakuleleni izisusa eziqondile. Lokhu kuyadingeka ukuze ‘siphile.’ (IzAga 9:1-6) Khona-ke sinalokhu kuqiniseka, isikhokhelo siyosihambisa sinombono oqondile, siqaphela ukuthi sinalokho abanye abakudingayo. Fundisisa ngokucophelela umagazini ngamunye ukuze uthole amazwi okholelwa ukuthi angase abe usizo kubaninikhaya. Ukulungiselela kusengaphambili okunjalo kuyokusiza ekuboniseni umoya wokuqiniseka lapho uhambisa labomagazini enkonzweni.
4 Abanye bangathambekela ekubeni nombono ophambene ngokuhambisa izikhokhelo. Bangase bahilele umninikhaya engxoxweni, baze ngisho baxoxe ngeSihloko Sengxoxo, bese behambisa omagazini ababili ngomnikelo ka-R1,20 kunokuba bahambise isikhokhelo. Kungani? Ingabe siyabiza? Uma kunjalo, lokhu akukhona ukucabanga okunengqondo. Njengoba imali yesikhokhelo incane lapho iqhathaniswa nezincwadi zezwe, ayilutho lapho iqhathaniswa nokubaluleka kwaso kumfundi. Ngakho qiniseka futhi uhambise isikhokhelo seNqabayokulinda ngomnikelo nje ka-R12,00 noma usihambise nomngane waso iPhaphama! ngo-R24,00 kuphela.
5 Omunye udade wayezimisele ukuhambisa izikhokhelo, ngakho wabeka umgomo wezingu-50 ngezinyanga ezimbili. Wathola izikhokhelo ezingu-31 ngenyanga yokuqala futhi ingqikithi yezingu-50 ngezinyanga ezimbili. Wathi lapho abanye babengenamali kodwa besifuna isikhokhelo, wayephindela kathathu noma kane ngaphambi kokuba umninikhaya akwazi ukuthola imali. (yb89, kk. 60-1; bheka futhi iYearbook ka-1990, amakhasi 47-9.) EJapane, lapho imali yesikhokhelo sonyaka icishe ilingane no-R35,00, abazalwane bahambisa izikhokhelo ezingaphezu kwe-71 600 ngo-October, okuyinani elisha eliphakeme kanye nokwanda okungamaphesenti angu-57 ngaphezu kwenyanga efanayo ngonyaka odlule.
QHUBEKANI NGESIBINDI
6 Sinesizathu esiphelele sokuba nesibindi enkonzweni yethu—sisekelwa uJehova. (IzE. 14:3) Elinye lamathuluzi ayinhloko asetshenziswa uJehova ekusakazeni izindaba ezinhle namuhla INqabayokulinda. Uma sihambisa izikhokhelo bese silandelela ngesikhuthazo sokuba babafunde labomagazini, umzamo wethu wenkuthalo ungasindisa ukuphila kwabantu. Ngakho kwasengathi ngentshiseko nangesibindi singahambisa izikhokhelo kubo bonke esibaziyo nakulabo esihlangana nabo enkonzweni yasensimini.