Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/90 k. 7
  • ISikhumbuzo—Umkhosi WamaKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISikhumbuzo—Umkhosi WamaKristu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • AMALUNGISELELO OKUMELWE ENZIWE ABADALA
  • UKULUNGISELELA KOMUNTU SIQU
  • Ukugubha Umkhosi Wokufa Okunikeza Ithemba Lokuphila Okuphakade
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukugujwa KweSikhumbuzo Sika-1989
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • “Yenzani Lokhu Ukuba Ningikhumbule”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Usuku Olubaluleke Kakhulu Ngo-1991
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 4/90 k. 7

ISikhumbuzo—Umkhosi WamaKristu

1 UJesu wamisa iSikhumbuzo ngoNisan 14, 33 C.E., futhi wayala abaphostoli bakhe: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” (Luka 22:19) Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi ngokwenza kanjalo “nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.” (1 Kor. 11:26) Kuyafaneleka ukukhumbula ukufa kukaJesu ngenxa yakho konke okukwenzayo ekufezekeni kwenjongo kaJehova. Umhlatshelo wesihlengo unikeza sona kanye isisekelo sokholo lwethu futhi usinikeza ithemba lokuphila esikhathini esizayo.

2 Kusukela ekuqaleni kwebandla lobuKristu, abafundi bakaJesu baye bagubha ngokwethembeka iSikhumbuzo sokufa kwakhe. Ezikhathini zanamuhla ngawo-1908 kwabikwa ukuthi abantu abangu-34 bahlanganyela ezifanekiselweni zomkhosi weSikhumbuzo owawusendaweni yaseKapa. Manje, eminyakeni engu-82 kamuva, uNisan 14 uzoba ngoLwesibili, ngoApril 10, ngemva kokushona kwelanga, futhi abantu abangaphezu kwe-120 000 eNingizimu Afrika balindeleke ukuba bagubhe lomkhosi waminyaka yonke.

AMALUNGISELELO OKUMELWE ENZIWE ABADALA

3 Ngenxa yokubaluleka kwalesisenzakalo kanye nabantu abaningi okulindeleke ukuba babe khona, amabandla enza amalungiselelo kusengaphambili. (1 Kor. 14:40) Ayikho imicikilisho emisiwe neyisiko ehilelekile. Ayenziwa ngenxa yokuthi kuMathewu 26:26-30 siqaphela indlela engenamicikilisho uJesu aqalisa ngayo lomkhosi obaluleke kakhulu. (1 Kor. 11:23-26) Kodwa eminye imininingwane ebalulekile kumelwe ilandelwe uma iSikhumbuzo sizogujwa ngendlela efanelekile. Ihlanganisani?

4 Phakathi kwezinye izinto, abadala bayaqikelela ukuthi inhlonipho iyaboniswa ngeSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngokuba nohlobo olufanelekile lwezifanekiselo. Kungasetshenziswa isinkwa esingenamvubelo, njengesinkwa samaJuda esingafakwanga lutho okuthiwa imatzoth, esenziwe kuphela ngofulawa kakolo namanzi. Futhi, iwayini elibomvu lamagilebhisi elingaxutshaniswanga nalutho njengeChianti, Burgundy, noma iclaret, kuphela okumelwe lisetshenziswe. Iwayini elibomvu elenziwe ekhaya lingasetshenziswa uma lingazange lifakwe izinandisi, linongwe, noma lifakwe izinto zokulicebisa.

5 Abadala futhi bayokhetha abazalwane abayisibonelo nabafanelekayo, kutuswa ukuba kube abadala noma izinceku ezikhonzayo, ukuba bahambise izifanekiselo. Kufanele bahleleke kahle futhi kufanele baqonde ngokucacile ukuthi isabelo sabo sihlanganisani. Labo abakhonza njengabalindi kumelwe batshelwe kafushane imisebenzi yabo, enjengokuqondisa abantu lapho bengena noma bephuma ehholweni kanye nokuqondisa izimoto ezengeziwe. Lokhu kubaluleke kakhulu lapho amabandla amaningana ezobe esebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa. Kufanele futhi kwenziwe amalungiselelo okuqiniseka ukuthi isikhulumi sitshelwe kahle ngesikhathi kanye nendawo yomkhosi.—Ukuze nithole ezinye izikhumbuzo ngezinto okumelwe zilungiselelwe iSikhumbuzo, bhekani INqabayokulinda, kaFebruary 15, 1985, ikhasi 17, nekaFebruary 15, 1990, amakhasi 16-18; INkonzo Yethu YoMbuso, kaMarch 1989, ikhasi 4.

UKULUNGISELELA KOMUNTU SIQU

6 Sonke kumelwe senze umzamo wokuzuza ngokugcwele kulomkhosi ongcwele kunayo yonke. Phakathi kwezinye izinto, singazilungiselela ngokwengqondo ngokulandela ngokuseduze ukufundwa kweBhayibheli kwangoApril 5-10, njengoba kuphawulwe kuyiKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1990. Futhi, kumelwe senze amalungiselelo okumema nokusiza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba babe khona kulomkhosi okhetheke kakhulu. Futhi kumelwe senze labo abakhona bazizwe bamukelekile.

7 Ngokulungiselela kahle kusengaphambili, siyobonisa ukuthi ukuba khona eSikhumbuzweni sikubheka njengelungelo nanjengethuba lokubonisa ukwazisa ngomhlatshelo kaKristu. Kwasengathi umkhosi weSikhumbuzo walonyaka ungaba yisikhathi sesikhuthazo esakhayo kuzo zonke izinceku zikaJehova. Sengathi ungagxilisa kithi sonke umoya wokuqiniseka owabonakaliswa uJesu. Ukuthembela kwethu kuJehova kuyosisiza ukuba silinqobe izwe futhi sizuze imivuzo yethu esiyilindele.—Joh. 16:33; 2 Pet. 1:10; IsAm. 7:9, 10, 14.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela