IZindaba Ezingokwasezulwini
ENingizimu Afrika: Kuyakhuthaza kakhulu ukuphawula ukuthi izakhiwo ezingu-25 zamaHholo OMbuso kakade zase zisezingeni elithuthukile ekuqaleni kwalonyaka. Futhi, amabandla amaningana alungisa amahholo awo. Sikhuthaza labo abahilelekile ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso ukuba baqhubeke besebenza ngenkuthalo.
◼ Phakathi noJanuary noFebruary 1992 amakilasi eSikole SeNkonzo SoMbuso aqhutshelwa abadala abangu-3971 nezinceku ezikhonzayo ezingu-3637. Wonke aqhutshwa ngokuphumelelayo futhi kwezwakaliswa ukwazisa okuningi ngalemfundo. Abadala bazisa ngokukhethekile incwadi yeSikole SeNkonzo SoMbuso. INhlangano ibonga bonke abadala nezinceku ezikhonzayo ngeminikelo yabo yokuphana yokuthuthukisa umsebenzi woMbuso.
ESt. Lucia: Inani elisha eliphakeme labamememzeli abangu-481 lafinyelelwa ngoNovember.
ETahiti: Inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1366 lafinyelelwa ngoNovember ngokwanda ngamaphesenti ayishumi.
EThailand: Inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1232 labikwa ngoNovember, okungamaphesenti angu-6 ngaphezu kwenyanga efanayo ngonyaka odlule.
EZaire: Inyanga kaOctober 1991 yaphazanyiswa ukubhikisha nokuphanga emadolobheni amaningi. Nokho, naphezu kobunzima obungokwezimali abazalwane bamatasa bashumayela izindaba ezinhle. Uhlelo losizo oluphuthumayo lokudla lwamiswa eKinshasa ukuze kusizwe abafowethu; baye bakwazisa kakhulu lokhu.