Ukusebenza Indlu Ngendlu Ngokuphumelelayo
1 Namuhla “izindaba ezinhle” zishunyayelwa kuwo wonke umhlaba. (Math. 24:14, NW) Lokhu ngokuyinhloko kufezwa ngenkonzo yendlu ngendlu.—IzE. 20:20, 21.
2 Izintshumayelo zethu kumelwe zibe nenjongo yangempela kubantu esihlangana nabo. Amadoda, abesifazane, kanye nentsha bayehluka ngezinto abazithakazelelayo. Ngakho kuyoba kuhle ukulungiselela izihloko ezihlukahlukene ezingokomBhalo okungenzeka zikhange abantu abasensimini yethu.
3 Zisebenzise Kahle Izincwadi: Ukujwayelana kahle nokuqukethwe incwadi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke kuyosenza sikwazi ukuxoxa ngokuphumelelayo nabantu ngezihloko eziningi ezihlukahlukene. Imifanekiso, kokubili edwetshiwe nelandiswayo, kuwusizo oluphumelelayo. Ungase udonse isithakazelo somuntu osemusha ngendaba ejabulisayo esesahlukweni 44, esithi “Ukuthulisa Isiphepho Esisabisayo.” Umuntu ogulayo ngokomzimba noma obuthakathaka ngokuqinisekile siyomduduza isahluko 57, esithi “Uzwela Ngabahluphekayo.” Isahluko 90, esithi “Ithemba Lovuko,” kufanele sikhange kunoma ubani owake wadatshukiswa ukulahlekelwa othandekayo. Ingxoxo ephathelene nezimo zezwe ezicindezelayo ingaholela esahlukweni 111, esithi “Isibonakaliso Sezinsuku Zokugcina.”
4 Ukuze siphumelele enkonzweni, sidinga ukubonisa isithakazelo esiqotho somuntu siqu. (Fil. 2:4) Zama ukugxilisa ingxoxo esihlokweni soMbuso esihilela umuntu kanye nezidingo zakhe. Funa ukuqonda lokho umuntu akucabangayo ngokumenza akhulume ngokusebenzisa imibuzo efanelekile. Lalelisisa izimpendulo zakhe. Ukukhulumela kwakhe kungakusiza ukuba ubone ukuthi iyiphi indaba eyomthakazelisa. Sifuna ukusiza abantu ukuba babone ukubaluleka kwesigijimi soMbuso futhi sibabonise indlela yokufunda okwengeziwe ngawo. Omunye umbhangqwana wachaza ukuthi wamukela isifundo seBhayibheli ngoba umzalwane owayebahambele wabonisa isithakazelo esiqotho somuntu siqu kubo.
5 Ensimini Esetshenzwa Njalo: Ukuhlakulela ukuphumelela kubaluleke ngokukhethekile ensimini esetshenzwa njalo. Inkonzo ephumelela ngokwengeziwe iyasisiza ukuba sandise insimu yethu. (wZU88 7/15 kk. 15-20) Kunokuba sishaye sengathi asikaze silihambele ngaphambili lelokhaya, singakhumbula isimo somninikhaya sangesikhathi esidlule futhi sisisebenzise ngokwenzuzo yethu. Singabhekisela ekuhambeleni kwethu kwangaphambili bese sakhela kulokho okwashiwo ngalesosikhathi. Izintshumayelo ezasikiselwa kuNkonzo Yethu YoMbuso yangesikhathi esidlule nasencwadini Ukubonisana zingavunyelaniswa nezidingo zensimu.
6 UJehova ngesineke ugcine umnyango uvuliwe ukuze abantu abengeziwe bazuze ezibusisweni zoMbuso. Inkonzo kaJesu yayiphumelela ngenxa yothando lwakhe ngabantu. (Marku 6:34) Ingabe senza konke okusemandleni ethu ukuze silandele isibonelo sakhe? (1 Pet. 2:21) Masingazigodli ekuhlanganyeleni ngokugcwele nangokuphumelelayo enkonzweni yendlu ngendlu.—2 Thim. 4:5.