Uma Iba Nemiphumela Emihle, Yisebenzise!
1 INkonzo Yethu YoMbuso njalo isinikeza izintshumayelo ezisikiselwayo ezihlukahlukene ukuze sizisebenzise enkonzweni. Lokhu kusinikeza imiqondo emisha emayelana nendlela esingenza ngayo abantu babe nesithakazelo emlayezweni woMbuso. Kungenzeka ukuthi inyanga ngayinye wenza umzamo wokufunda intshumayelo eyodwa noma ezengeziwe kuzo. Nokho, kungase kwenzeke ukuthi abanye abamemezeli bathi nje lapho besasebenzise eyodwa yazo izikhathi ezimbalwa, bese kuphuma enye INkonzo Yethu YoMbuso enikeza izintshumayelo ezintsha. Kusobala ukuthi kungase kungenzeki ukuba wonke umuntu afunde intshumayelo entsha engakayijwayeli efike ngaphambili.
2 Nakuba kunjalo, kunezinkulungwane zamaphayona nabanye abamemezeli abachitha isikhathi esiningi enkonzweni yasensimini. Ngaphezu kwalokho, amabandla amaningi ayihlanganisa njalo insimu yawo ngemva kwamasonto ambalwa. Ezimweni ezinjalo, abamemezeli bayakujabulela ukuthola izindlela ezintsha nemiqondo yokudlulisela umyalezo. Lokhu kubasiza ukuba bathuthukise amakhono abo. Futhi kwenza inkonzo yabo ithakazelise ngokwengeziwe futhi ibe nezithelo kanti kubasiza nokuba babhekane nezinselele abahlangabezana nazo.
3 Kunoma ikuphi, uma ulungiselele intshumayelo ephumelelayo ukuvusa isithakazelo, zizwe ukhululekile ukuqhubeka uyisebenzisa! Asikho isidingo sokuyeka ukusebenzisa intshumayelo ephumelelayo eba nemiphumela emihle. Mane nje uyivumelanise nesipho sencwadi saleyo nyanga. Njengoba uhlaziya ukusikisela okunikezwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso, funa amaphuzu athakazelisayo ongase uthande ukuwafaka entshumayelweni yakho.
4 Ngakho lapho uthola INkonzo Yethu YoMbuso entsha, khumbula ukuthi izintshumayelo ezikuyo zimane nje ziwukusikisela. Uma ungase ukwazi ukuzisebenzisa, kuhle. Kodwa uma usunayo kakade intshumayelo eba nemiphumela emihle ensimini yenu, yisebenzise! Into ebalulekile ‘ukuyifeza ngokugcwele inkonzo yakho’ ngendlela efanele, uthole abafanelekayo futhi ubasize ukuba babe abafundi.—2 Thim. 4:5.