IMihlangano Yenkonzo Ka-February
Isonto Eliqala Ngo-February 2
INgoma 166
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba bawubike ngokushesha umbiko wabo wango-January wenkonzo yasensimini. Unobhala nabaqhubi bezifundo zencwadi zebandla kufanele baqikelele ukuba ifakwe yonke imibiko yezinyanga ezidlule ebingakafakwa. Le mibiko kufanele ihlanganiswe nombiko webandla wango-January.
15 imiz: “OFakazi BakaJehova—Abavangeli Beqiniso.” Imibuzo nezimpendulo. Bukeza ibhokisi elisekhasini 19 kuyi-Nqabayokulinda ka-September 1, 1992.
20 imiz: “Mema Bonke Abomile.” Hlaziya lesi sihloko, ubonise indlela izintshumayelo ezisikiselwe eziklanywe ngayo ukuba zivuse isithakazelo nokushukumisela izilaleli esenzweni. Cela umuntu omdala enze umboniso ngezigaba 2-3 noma u-4-5 bese osemusha enza umboniso ngesigaba 6.
INgoma 208 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 9
INgoma 96
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Ukufakaza Kubantu Bazo Zonke Izilimi Nezinkolo.” (Izigaba 1-10) Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Yisho izilimi ezikhulunywa abantu abaningi ensimini yenu, bese ubatshela ukuthi iziphi izincwadi ibandla lenu elinazo esitokweni ngalezo zilimi. Njengoba kuchazwe esigabeni 10, makube nomboniso obonisa indlela yokusebenzisa incwajana ethi Good News for All Nations.
INgoma 220 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 16
INgoma 75
5 imiz: Izaziso zebandla.
12 imiz: Okwenza Kudingeke Ukuba Ube Khona Emihlanganweni Yebandla. Umdala uxoxa ngamaphuzu ayinhloko akuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 1993, amakhasi 8-11, ugcizelela ukubaluleka kokuba khona njalo kuyo yonke imihlangano.
18 imiz: “Ukufakaza Kubantu Bazo Zonke Izilimi Nezinkolo.” (Izigaba 11-28) Imibuzo nezimpendulo. Yisho ukuthi iziphi izinkolo ezingezona ezobuKristu ezikhona ensimini yenu. Cela ummemezeli onokuhlangenwe nakho ukuba enze umboniso obonisa indlela yokunikeza ubufakazi bokuqala kothile ongumBuddha, umHindu, umJuda noma iSulumane—kunoma owayiphi inkolo eningi endaweni.
10 imiz: “UJehova Ungumsizi Wami.” Inkulumo efudumele nekhuthazayo enikezwa umdala.
INgoma 15 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 23
INgoma 4
10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza isipho sencwadi sango-March. Yisho iphuzu elilodwa noma amabili okuhambisa incwadi Ulwazi, usebenzisa amaphuzu akuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996, ikhasi 8. Gcizelela umgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya.
15 imiz: “Uma Iba Nemiphumela Emihle, Yisebenzise!” Imibuzo nezimpendulo. Cela ummemezeli oyedwa noma ababili abanokuhlangenwe nakho abasezilalelini ukuba bachaze kafushane ngezintshumayelo abaye baqhubeka bezisebenzisa ngenxa yokuthi zilula futhi zinemiphumela emihle. Ngemva kwalokho, cela abanye balandise ngezindlela ezisanda kusikiselwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso futhi ezibonakala ziphumelela.
20 imiz: Prakthiza Izintshumayelo Zakho. Inkulumo emfushane esekelwe e-Ncwadini Yokuchasisa Isikole, ikhasi 98, izigaba 8-9. Gcizelela isidingo sokuhlaziya izintshumayelo zethu nokufuna izindlela ezingasenza siphumelele ngokwengeziwe. Cela odade ababili benze umboniso obonisa indlela abahlaziya ngayo lokho abakusho endlini abasuka kuyo, baxoxe ngokuthi bangathuthukisa kanjani. Babuye baprakthize kafushane bezama intshumayelo abazimisele ukuyisebenzisa esikhathini esizayo, banikezane ukusikisela okuwusizo. Usihlalo uphetha ngokubakhuthaza bonke ukuba bahlaziye futhi baprakthize izintshumayelo zabo.
INgoma 103 nomthandazo wokuphetha.