Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngomagazini Ensimini Ehlanganiswa Kaningi
1 KuzEnzo 8:25 sifunda ukuthi uPetru noJohane banikeza ubufakazi benkuthalo eSamariya base bememezela “ivangeli emizaneni eminingi.” Namuhla, nathi kumelwe sikhuthale ekuhlanganiseni insimu eyabelwe ibandla lethu ukuze kunikezwe ubufakazi benkuthalo.
2 Njengoba kunokwanda okusheshayo kwabamemezeli, amabandla amaningi manje ahlanganisa insimu yawo kaningi kakhulu. Nakuba ukusabela kwethu kokuqala ekusebenzeni amasimu kaningi kungase kungabi kuhle, lokhu akufanele kwenzeke. Kumagazini ngamunye weNqabayokulinda nePhaphama!, ngaso sonke isikhathi kunezihloko ezintsha nezithakazelisayo esingazihlanganyela nabantu ensimini yethu. Futhi, njengoba sihlanganisa insimu yethu kaningi ngokwengeziwe, sinethuba lokusebenzisa isikhathi esengeziwe endlini ngayinye.
XOXA NABANTU
3 Kuye kwasetshenziswa izintshumayelo zikamagazini ezimfushane kakhulu ukuze sihlanganise yonke insimu yethu futhi sihambise omagazini kabanzi. Nokho, ikakhulukazi abamemezeli abasebenza amasimu ahlanganiswa kaningi benza kahle ngokusebenzisa isikhathi esengeziwe bexoxa nabaninikhaya. Ngisho nabantwana abancane bangenaba ngalokho okubathakazelisile esihlokweni. Lokhu kungafezwa kanjani? Kubalulekile ukujwayelana nezihloko ezikomagazini. Lokhu kudinga isikhathi nokucabanga kusengaphambili. Lapho ufunda omagazini, thola ukuthi yini eyokhanga kubantu ensimini yenu. Khona-ke, ngaphambi kokuya enkonzweni, bheka omagazini futhi ukhethe izihloko ozoziqokomisa. Cabangela ukuthi yisiphi isihloko oyosiqokomisa lapho uhlangabezana nezimo ezihlukahlukene ezindlini. Sebenzisa eyodwa yezindaba ezinhle ezikumagazini njengephuzu eliyinhloko esethulweni sakho. Phenya imibono yomninikhaya ngengxoxo enobungane.
KHUMBULA INJONGO YETHU
4 Injongo yethu ekuhambeni indlu ngendlu ayikhona ukubona ukuthi bangaki omagazini noma izincwadi esingazihambisa. Isifiso sethu siwukusiza abanye ukuba bafinyelele olwazini oluqondile lweqiniso. UPetru noJohane bakhuluma izwi likaJehova kumaSamariya ngendlela yenkuthalo, nathi ngokufanayo sifuna ukusebenzisa isikhathi esidingekayo ukuze siqiniseke ukuthi abantu ensimini yethu banikezwa ithuba lokuba basabele eqinisweni.
5 Ngokusebenzisa ngokuphumelelayo omagazini njengesisekelo sezingxoxo zethu, singayifeza lenjongo. Kufanele sizithandazele thina kanye nabanye ukuba siphiwe “ikhono lokukhuluma . . . lokwenza yaziwe imfihlakalo engcwele yezindaba ezinhle, . . . ngesibindi.”—Efe. 6:18-20, qhathanisa neNW.