IZindaba Ezingokwasezulwini
◆ I-Israel ibika ukuthi amanye amakhaya abazalwane alinyazwa ukuhlasela kweziciba-mlilo phakathi nempi, kodwa akekho owalimala ngokomzimba.
◆ IBrazil yeqe inani layo eliphakeme labamemezeli langoJuly 1990 ngabangaphezu kuka-8000, iba nenani elisha eliphakeme labangu-302220 ngoJanuary. Kwabikwa futhi inani elisha eliphakeme lezifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezingu-378 727.
◆ IHungary ibe nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-11 257. Isibalo sezifundo zeBhayibheli senyuka sisuka ku-5400 esikhathini esingangonyaka esidlule saya ku-7219.
◆ Kwezinye izindawo eLiberia, abamemezeli bamabandla benza isilinganiso samahora angaphezu kwangu-20 enkonzweni yasensimini naphezu kobunzima obukhulu. Usizo lunikezwa ngothando yigatsha laseCôte d’Ivoire nelaseSierra Leone.