IZindaba Ezingokwasezulwini
ECameroon: Inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-18 810 lafinyelelwa ngo-June, futhi bangu-84 ababhapathizwa phakathi naleyonyanga.
ECôte d’Ivoire: Abamemezeli ababika ngo-June baba ingqikithi yabangu-4330, inani labo eliphakeme labamemezeli lesithupha kulonyaka.
E-Italy: Ngo-June kwabikwa elinye inani eliphakeme labamemezeli abangu-198 179 ababephuma insimu. Phakathi naleyonyanga kwamiswa amabandla amasha angu-22.
ESão Tomé nasePríncipe: Ngo-June 30 inhlangano yamiswa ngokomthetho, yavula umnyango womsebenzi omkhulu. Abamemezeli abayikhulu ababika kuleyonyanga bamelela ukwanda kwamaphesenti angu-43 kunesilinganiso sangonyaka odlule.
ENingizimu Afrika: IBandla laseSpruitview, eningizimu mpumalanga yeGoli, lilazisa ngokujulile iHholo LoMbuso lalo elisha elanikezelwa ngo-August 22, 1993. Leli elilodwa kwangu-9 akhiwe ngokushesha iKomiti Yesifunda Yokwakha yaseWitwatersrand ngo-1993.
E-Uruguay: Ngo-June kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-9093.