Izindaba EzingokwaseZulwini
♦ EMihlanganweni Yesigodi “Yokuzinikela KuNkulunkulu” eyi-133 eyaba sensimini yegatsha laseUnited States, kwaba nenani eliphakeme lababekhona abayi-1 366 700 futhi kwabhapathizwa abayizi-18 011.
♦ lAmerican Samoa yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abayi-155 ngoJune, ukwanda ngamaphesenti angama-35.
♦ IAntigua yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangama-238 ngoJune.
♦ Emihlanganweni yesigodi emithathu eBahamas kwaba khona abayizi-2 448, kwabhapathizwa abangama-48.
♦ ICyprus yabika inani layo eliphakeme lesithupha ngokulandelana, labayi-1 213 ababika ngoJune.
♦ IDominican Republic yaba nenani eliphakeme elisha labamemezeli abayizi-11 605 ngoJune, ukwanda ngamaphesenti ayi-10. Baba futhi nenani eliphakeme elisha lezifundo zeBhayibheli eziyizi-22 096.
♦ IFiji yaba nenani eliphakeme lama-54 ngokulandelana, kwaba nabamemezeli abayi-1 454 ababika ngoJune. Izifundo zabo zeBhayibheli zanda zafinyelela ezi-2 403, okuyinani eliphakeme lama-25 ngokulandelana.
♦ ITahiti yaba nokwanda ngamaphesenti ayi-18 ngoJune, yafinyelela abamemezeli abayi-1 005, inani labo eliphakeme lama-20 ngokulandelana.
♦ IVanuatu yaba nenani eliphakeme labamemezeli abayi-113 ngoJune, ukwanda ngamaphesenti angama-35.
♦ INtshonalanga Samoa yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abayi-198 ngoJune, ukwanda ngamaphesenti angama-24.