IZindaba Ezingokwasezulwini
EAustralia: Ngo-August kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-57272, okwaphetha unyaka wenkonzo ngabamemezeli abangu-1541 ngaphezu kwenani labo eliphakeme langaphambili. Kwabikwa inani eliphakeme lasikhathi sonke lezifundo zeBhayibheli ezingu-31 712.
ECyprus: U-August waletha inani labo eliphakeme labamemezeli lesishiyagalombili onyakeni wenkonzo, kwabika abangu-1433. Lokhu kwakuwukwanda ngamaphesenti angu-9 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule.
EDominican Republic: Njengoba kwabika abangu-15 418 ngo-August, bathola ukwanda kwabamemezeli ngamaphesenti angu-20 ngaphezu konyaka wenkonzo odlule. Abamemezeli abangaphezu kwamaphesenti angu-20 basenkonzweni yesikhathi esigcwele.
EGhana: Ngo-August kwafinyelelwa ukwanda ngamaphesenti angu-18 ngaphezu kwesilinganiso senani labamemezeli sangonyaka odlule, kwabika abangu-37 676 enkonzweni yasensimini.
ENingizimu Afrika: Ngasekupheleni kuka-1992 kwaqedwa amaHholo OMbuso alandelayo: KaNyamazane Central (eduze naseNelspruit), iKatlehong (eduze naseAlberton—lelihholo elingamahholo amabili lakhiwa ngezimpelasonto ezintathu ngo-October futhi lizosetshenziswa ngamabandla amane), iMeyerton (elinye ihholo elakhiwe ngokushesha), nelaseCala naseLugangeni eTranskei.
Phakathi nonyaka wekhalenda ka-1992, kwanikezelwa amaHholo OMbuso angu-34 kuJehova. Leli yinani eliphakeme kunawo wonke kunoma yimuphi unyaka owodwa eNingizimu Afrika. Sibonga bonke ngokusekela kwabo komusa kulokhu. Masiqhubeke nalomfutho omuhle futhi siqhubeke sibheka kuJehova kukho konke esikwenzayo.
EPuerto Rico: Ngo-August kwabika inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-25315.
ETogo: Ngo-August kwafinyelelwa ukwanda kwabamemezeli ngamaphesenti angu-28 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule. Unyaka wenkonzo uphethé kunabamemezeli abangu-7100 ababikayo. Kwabhapathizwa abasanda kuhlanganyela abangu-728 phakathi nonyaka.