IZindaba Ezingokwasezulwini
EBarbados: Imihlangano emine yesigodi yayinabangu-5538 kwabhapathizwa abangu-83. NgoAugust kwabika ingqikithi yabangu-2987.
EMadagascar: Kwabika inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-4005 ngoAugust, futhi abamemezeli bebandla benza isilinganiso samahora angu-14 enkonzweni yasensimini.
ENingizimu Afrika: IBandla laseMolapo eSoweto lajabula kakhulu ngokunikezela iHholo lalo LoMbuso ngoDecember. Izisebenzi zokuzithandela ezinekhono zasiza ekumiseni izindonga ngempelasonto eyodwa. EPort Elizabeth ibandla laseWestering nalo laqeda futhi lanikezela iHholo lalo LoMbuso ngesikhathi esifushane.
ETaiwan: Kwaqhutshwa imihlangano yesigodi emibili kwaba nengqikithi yababekhona engu-3817, futhi kwabhapathizwa abangu-67. NgoAugust, abamemezeli abangu-1900 babika inkonzo.