Indlela Ewusizo Ekulungiseleleni Inkonzo Yasensimini
1 Ingabe ngezinye izikhathi uyangabaza ukuhlanganyela esicini esithile senkonzo yasensimini ngenxa yokungazi ukuthi uzothini? Uma ungabaza, siyaqiniseka ukuthi uzoyazisa indlela ecatshangelwayo kuNkonzo Yethu YoMbuso.
2 Kusukela kulena, INkonzo Yethu YoMbuso izonikeza ukusikisela okuhlukahlukene ngisho nangokwengeziwe kokunikeza isigijimi soMbuso, kungakhathaliseki ukuthi kusendlini ngendlu, empindelweni, noma esifundweni seBhayibheli. Lokhu kusikisela kufanele kushukumisele ukucabanga kwakho ekutheni imaphi amazwi ongathanda ukuwasebenzisa enkonzweni. Lapho ulungiselela inkonzo, khetha intshumayelo eyifanelekela kahle insimu yakini. Ngokulandelayo, nquma ukuthi uyokwazi yini ukusebenzisa amazwi asikiselwa esihlokweni noma uyoshintsha amazwi ukuze afanelane nezimo zasensimini yebandla noma nawe siqu. Intshumayelo yakho ingazwakala iyingxoxo ngokwengeziwe uma uyisho ngokwemvelo ngamazwi akho. Ingabe ubungathanda ukwandisa inkonzo yakho ngandlela-thile, mhlawumbe ngokuhlanganyela esicini esithile ngokokuqala ngqá? Ukusikisela okuningiliziwe okunikezwayo kungaba yikho kanye okudingayo ukuze uqale.
3 Uma uqhuba omunye wemihlangano yebandla yenkonzo yasensimini, kufanele ujwayelane kahle nokwaziswa okukhishwa kuNkonzo Yethu YoMbuso. Yitadishe kahle ikhophi yakho, futhi udonsele ukunakekela kulokho kusikisela okunokwenzeka kakhulu ukuba kuphumelele ensimini yebandla.
4 Sonke siyazijabulela izinto esizenza kahle. Sethemba ukuthi lendlela eyinzuzo iyosiza kokubili abamemezeli abasha nabanokuhlangenwe nakho okwengeziwe ukuba baphumelele futhi bajabule enkonzweni yabo yoMbuso.