IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngoJanuary nangoFebruary: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R2,60. NgoMarch: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R8,00. NgoApril nangoMay: Isikhokhelo seNqabayokulinda ngomnikelo ka-R17,00 ngephuma kabili ngenyanga. Izikhokhelo zonyaka ngephuma kanye ngenyanga nezikhokhelo zezinyanga eziyisithupha ngephuma kabili ngenyanga zingu-R8,50.
◼ Kusukela ngoMarch 1, inkulumo yeningi entsha yababonisi besifunda kuyoba ethi “UJesu Kristu—Umbusi Omusha Womhlaba.”
◼ Kwenziwa amalungiselelo okuba yonke imihlangano yesigodi iqhutshwe ngoDecember 1992 nasekuqaleni kukaJanuary 1993. Lokhu ngeke kusebenze kuleyo eseNamibia, eyoba ngoSeptember/October. Imininingwane eyengeziwe iyonikezwa lapho izindawo zemihlangano seziqinisekisiwe.
◼ UApril 11, 1992, uye wabekelwa eceleni njengosuku olukhethekile lukamagazini. Phakathi neminyaka emibili edlule izinkulungwane zabazalwane bethu bezijabulela ukuhlanganyela emisebenzini yosuku olukhethekile lukamagazini. Kungani ungaqali ukuhlela manje ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulomsebenzi okhethekile?
◼ IWatchtower yesiNgisi ebhalwe ngamagama amakhulu: Umbonisi owengamele kufanele ahlele ukufundwa kwencwadi ka-August 10, 1989, ngokuqondene neWatchtower ebhalwe ngamagama amakhulu. Ama-oda aleyo ebhalwe ngamagama amakhulu ayancipha, okungase kudinge ukuba iyekwe ukunyatheliswa lapha egatsheni laseNingizimu Afrika. Ingabe bonke abebezuza kulokhu baye baqasheliswa ngakho? Veza ngokucacile abantu abahlukahlukene abangasebenzisa lelilungiselelo lomusa omkhulu njengoba kukhulunywe ngabo encwadini.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
NgesiNgisi: IPheshana No. 17 “A Peaceful New World—Will It Come?” (Lokhu ukwaziswa okufanayo okuvela ePheshaneni No. 15, eliye lashintshwa ukwaziswa ngokwenzuzo yabantu abangamaJuda.) NgesiPedi: “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo,” uHlelo luka-1991 (Ibandla neningi: R8,50; amaphayona: R5,50). NgesiTsonga: “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo,” uHlelo luka-1991 (Ibandla neningi: R8,50; amaphayona: R5,50).