Ukuqalisa Izifundo Ngokusebenzisa Incwadi Ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
1 UJesu wathi, “Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.” (Marku 13:10) Lokhu kwakusho ukuthi abafundi bakhe babeyohlangana nabantu bezilimi eziningi ezihlukahlukene, izimpucuko, nezizinda ezingokwenkolo. Kwakusho futhi ukuthi abafundi bakhe banamuhla, oFakazi BakaJehova, babeyoba nesabelo sokufundisa zonke izinhlobo zabantu.
2 Incwadi yethu entsha ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngokungangabazeki iyosiza abantu abanezinhliziyo eziqotho abaningi ngokwengeziwe ukuba bathole uNkulunkulu weqiniso, uJehova, futhi bamukele indlela yakhe yeqiniso. (Joh. 4:21-24) Singaziqalisa kanjani izifundo zeBhayibheli sisebenzisa lencwadi?
INDLELA YOKUQALISA ISIFUNDO
3 Kungenzeka ukuthi isisekelo sesifundo seBhayibheli sabekwa phakathi nokuhambela kokuqala lapho uthola inkolo umuntu azihlanganise nayo. Ngalokho kuhambela kokuqala, mhlawumbe waphendulela ukunakekela komninikhaya esahlukweni noma esigabeni esithile. Ngaso lesosikhathi, noma ekuhambeleni kwakho kwakamuva, lona lelophuzu elifanayo lingasetshenziswa njengesisekelo sengxoxo eholela esifundweni. Ngokusebenzisa imibuzo esekupheleni kwekhasi, unesisekelo sokushukumisa umqondo nengxoxo. Yebo, asinaso isithakazelo ekuvuseni impikiswano, kodwa kunalokho, ekucatshangelweni kokwaziswa ngokunengqondo. Kungakhathaliseki ukuthi siqala ekuqaleni kwencwadi noma kunoma yisiphi esinye isahluko, ekugcineni umgomo wethu kufanele ube ukuqondisa umuntu ezahlukweni 10, 15, no-16. Kungani kunjalo?
4 Ukufuna uNkulunkulu weqiniso ngokungenakugwenywa kumelwe kube ngoKristu. UJesu wathi, “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.” (Joh. 14:6) Isahluko 10 siphendula ngokucacile lombuzo, “Ingabe UJesu Wayeyindlela Eya KuNkulunkulu?” Sichaza izimfanelo zikaJesu, ukuthi sazi kanjani ukuthi wayengeyena umuntu wasenganekwaneni, ukuthi wabikezelwa kanjani esiprofethweni, ukuthi kungani abafundi bakhe bokuqala bakholelwa kuye njengendlela eya kuNkulunkulu, nokuthi sazi kanjani ukuthi wayevunyelwe uNkulunkulu. (Joh. 6:44, 65) Izahluko 15 no-16 zikhuluma ngesithi “Ukubuyela KuNkulunkulu Weqiniso” nesithi “UNkulunkulu Weqiniso Nekusasa Lakho.”
QONDA IZIDINGO ZOMUNTU NGAMUNYE
5 Ngemva kwezifundo eziningana singase sikubone kuwukuhlakanipha ukushintshela encwadini yeBhayibheli eyisisekelo ngokwengeziwe, njengencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Njengoba ngokuyinhloko incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu iklanyelwe ukudonsela abantu bezizinda eziningi ezihlukahlukene kuNkulunkulu weqiniso, akuzona zonke izahluko eziyokhanga kubo bonke abantu. Sidinga ukwazi indlela yokuvumelanisa intshumayelo yethu nelungiselelo lesifundo ezidingweni zomuntu ngamunye.—1 Kor. 9:19-22.
6 Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuba sihambise incwadi kumuntu ozisholo ukuthi ungumKristu. Manje umbuzo wempindelo ungaba ukuthi, “Kungani kunezinkolo eziningi kangaka ezithi zingezobuKristu?” Kanjalo, isahluko 11 esikhuluma ngokuhlubuka nesahluko 13 esikhuluma ngeNkathi Yezinguquko zingaba isisekelo sokuqalisa isifundo. Njengoba umuntu ethola indlela eLobukholwa elathuthuka ngayo, siyomsiza ukuba acabange ngezimfundiso zeBhayibheli njengoba ziphikisana nezimfundiso zeLobukholwa zokuhlubuka. Sethemba ukuthi iqiniso liyowukhulula umqondo walowomuntu ukuze ahlakulele ubuhlobo noJehova uNkulunkulu. (Joh. 8:31, 32) Khona-ke isifundo singaqhutshwa ezahlukweni 15 no-16 noma encwadini ethi Ungaphila Phakade.
UKUFINYELELA ABANTU BEZINKOLO EZINGEZONA EZOBUKRISTU
7 Lapho sifunda nabantu bezinye izinkolo, uthando lobuKristu nobuhlakani kufanele kuboniswe ngaso sonke isikhathi. UPawulu wakugcizelela lokho lapho ebhala: “Ukukhuluma kwenu makube-nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.” (Kol. 4:6) KumaHindu singazama ukuqalisa isifundo ekhasini 372 ngaphansi kwesihlokwana esithi “Izwe Elisha Elithenjisiwe.” Khona-ke qhubekela esahlukweni 5 esikhuluma ngobuHindu. Isihluthulelo sokuphumelela siwukwazi izidingo zomuntu ngamunye.—Qhathanisa nezEnzo 17:22, 23.
8 Ubuhlakani budingeka ngokukhethekile lapho sisebenzelana namaMuslim. Ngokungangabazeki ayokhangwa isahluko 12 esikhuluma ngobuIslām. Njengoba kuxoxwa ngaleyondaba, emibuzweni kufakwe imibhalo yeBhayibheli okungaqhathaniswa nayo, ngokuyinhloko kusukela esigabeni 23 kuqhubeke. Sivusa ukucabanga njengoba iBhayibheli limema: “Wozani-ke, sithethe indaba, usho uJehova.”—Isaya 1:18; 1 Pet. 3:15.
9 Zama ukusiza abantu bezinkolo ezihlukahlukene ukuba bafune uNkulunkulu weqiniso. Khumbula ukuthi nakuba singase sitshale futhi sinisele, ekugcineni, uNkulunkulu ‘ongaqhubeka enza imbewu yeqiniso ikhule’ uma umhlabathi umuhle.—1 Kor. 3:6, 7; Math. 13:18-23.