Ukuphindela Ngomgomo Wokuqalisa Isifundo Sebhayibheli
1 Ngemva kokuba sithole umuntu othakazelayo ngokuhambela kokuqala, kudingeka singashwampuluzi ukuze sigcine lesithakazelo siphila. Ukwenza izimpindelo kungaholela ngokuqondile ezingxoxweni nasezifundweni zeBhayibheli ezisindisa ukuphila. Cabangela lokhu kusikisela kokwenza izimpindelo eziphumelelayo.
Ekupheleni kokuhambela kokuqala, ungase ubeke isisekelo sempindelo ngokubuza:
◼ “Ingabe wake wazibuza ukuthi kungani kunezinkolo eziningi kangaka?” Lapho uphindela ungase uthi: “Esikhathini esedlule ngilapha, kwaphakama umbuzo wokuthi kungani kunezinkolo eziningi kangaka. Kunezizathu eziningi ezibangela lokhu. Ngizothanda ukukufundela okuthile okuthakazelisayo engikuthole ngesikhathi ngibukeza lombuzo.” Vula ikhasi 99 lencwadi Ukubonisana bese ufunda ingxenye engaphansi kwesihlokwana esithi “Kungani kunezinkolo eziningi kangaka?”
2 Ingabe uNkulunkulu angatholakala kuzo zonke izinkolo? Ukuze uNkulunkulu abe khona enkolweni ethile, kumelwe iveze izithelo ezifanele.
Ekuqaliseni impindelo, ungase ubuze:
◼ “Inkolo kufanele ikuthonye kanjani ukuziphatha komuntu? Lokho uJesu Kristu akusho kuMathewu 7:17-20 kusinikeza isiqondiso inkolo yeqiniso elindeleke ukuba isilandele.” Funda umbhalo ngokuqondile osekupheleni kwesigaba 19 ekhasini 12 lencwadi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Khona-ke buza umnini-khaya ukuthi ubonani emfanekisweni osekhasini 13. “Nakuba izigidi zithi ziyakholelwa kuNkulunkulu, abaningi bayamphika ngemisebenzi yabo.” Ngokulandelayo, funda imisho emibili yokuqala yesigaba 20. “Lezizenzo zobudlova zibonisa izinkolo ezingalandeli isiqondiso esanikezwa nguKristu sokuthanda omunye nomunye, ngisho nezitha zethu. Ekuhambeleni kwami okuzayo, mhlawumbe singaxoxa ngokuthi inkolo kumelwe ukuba yenzani uma iveza izithelo ezinhle.”
3 Ikusasa libaphatheleni labo abafuna uNkulunkulu weqiniso? Ingxoxo ngalombuzo evela kuyo kanye lencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ingaholela esifundweni seBhayibheli.
Ekuqaliseni ingxoxo, ungase uthi:
◼ “Njengoba izimo zezomnotho zinjengoba zinjalo namuhla, abantu abaningi bayazibuza ukuthi bangaba nawo yini umbono omuhle ngekusasa. Ngiye ngathola iBhayibheli likhuthaza kakhulu lapho likhuluma ngekusasa. Ake ngihlanganyele nawe isithembiso sikaNkulunkulu esikuIsaya 65:21, 22, 25. [Funda bese ukhulumela kafushane lombhalo.] Incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu iphendula eminye imibuzo ethakazelisayo ephathelene nalokhu, kusukela esigabeni 17 esisekhasini 372.” Khona-ke mbonise ngokoqobo ilungiselelo lesifundo seBhayibheli, usebenzisa izigaba 17-20. “Ngesonto elizayo ngingathanda ukucabangela umbuzo othi, Siyini isisekelo sezwe elisha elithenjiswe eBhayibhelini?”
4 Sisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi esisasele ukuba uhlanganyele ebufakazini obugcwele obunikezwayo manje kuzo zonke izizwe zomhlaba. (Qhathanisa nezEnzo 20:21.) Ukwenza izimpindelo ngomgomo wokuqalisa isifundo seBhayibheli kungasho ukuphila okuphakade ngalabo esibashumayezayo.