Isidingo Sesintu Sokufuna UNkulunkulu
1 Phakathi nalelikhulu lama-20 leminyaka, kuye kwaba khona ukuthutha okukhulu kwabantu ngenxa yezimpi, ukucindezelwa, kanye nokucindezela kwezomnotho. Futhi njengoba kunezindlela ezisheshayo zokuhamba nezokuxhumana, umhlaba ubonakala uba mncane ngokwengeziwe. Lokhu kuye kwenza ukuba amaqembu ahlukahlukene ezinkolo asondelane. Kanjalo, ngokuvamile inkolo kukhulunywa ngayo njengethonya ukuphila kwabantu yonke indawo.
2 Umsebenzi wethu wokushumayela nawo uye wathinteka. Akuseyona into engavamile ukuhlangana nabantu abanesizinda senkolo esingasijwayele.
3 Ukuze sisizwe ukuba siziqonde kangcono ezinye izinkolo kanye nesizinda sazo esingokomlando, siye salungiselelwa incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Iphendula imibuzo eminingi ephathelene nezinkolelo eziyisisekelo zezinkolo ezinkulu zomhlaba. Phakathi nenyanga kaJune sizobe sisebenzisa lencwadi enkonzweni yethu. Yiziphi izihloko ezikulolusizo olubalulekile esingaziqokomisa ukuze sikhuthaze abanhliziyo-ziqotho ukuba bafunde okwengeziwe ngoNkulunkulu?
4 Omunye umbuzo oyisisekelo ophendulwa kuyo yonke lencwadi uthi: Ingabe umuntu unomphefumulo ongafi osindayo ekufeni kwakhe futhi udlulele kwenye indawo yangemva kokuphila kwamanje? Ngandlela-thile, cishe zonke izinkolo ziyawufundisa lowomqondo. Eminye imibuzo ephendulwa kulencwadi yilena: Ingabe ikhona indawo okuthiwa isihogo lapho imiphefumulo ihlushwa khona? Liyini ithemba langempela labafile? Ingabe kunoNkulunkulu oyedwa, noma ingabe kunonkulunkulu abaningi? Ukunakekela kungadonselwa emibuzweni esemakhasini 17-18 alencwadi. Ngisho nalapho uxoxa nomuntu ongakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu noma othi uNkulunkulu akaziwa, imibuzo 4 no-5 ingakubamba ukunaka kwakhe futhi mhlawumbe kuphumele engxoxweni ezuzisayo.
5 Sonke isintu siyakudinga ukufuna uNkulunkulu nokufuna umusa wakhe manje. Izenzakalo zezwe zibonisa ukuthi iArmagedoni isondela ngokushesha. Lesi isikhathi sokusebenza ngentshiseko. Yeka ilungelo esinalo lokukhuthaza abanye ukuba bafune uJehova manje, esengatholwa! (Isaya 55:6, 7) Incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ibasiza kanjani abantu ekufuneni kwabo uNkulunkulu? Inikeza ukwaziswa okwenza abantu bezizinda ezihlukahlukene bacabange. Ngokwesibonelo, isigaba 26 esisekhasini 297 sibonisa amaMuslim ukuthi ubuKristu beqiniso abufundisi imfundiso kaZiqu-zintathu. Phawula indlela isigaba 43 esisekhasini 229 esingavusa ngayo isithakazelo sabantu benkolo yamaJuda ngokuphathelene nokusetshenziswa kwegama likaNkulunkulu.
6 Sinazo zonke izizathu zokukushisekela ukuhambisa lencwadi. Uma sijwayelene kahle nalokho ekuqukethe, sizothola amathuba okuvusa isithakazelo sabantu abaqotho bezizinda eziningi zenkolo. Kwangathi singabonisa ukuyishisekela lenkonzo.
7 UJehova unguNkulunkulu ophayo nonomusa. Yeka ukuthi siwububele kanjani isimemo sakhe sokuba sifunde ngaye! Kungase kube nabaningi ngokwengeziwe abazoba abadumisi bakaJehova. Phakathi noJune, ngosizo lwencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, sizokwazi ukusiza abaningi abakweLobukholwa kanye nalabo abangenaso isizinda sobuKristu noma sokukhonza uNkulunkulu ukuba baqale ukukhonza uJehova “ngomoya nangeqiniso.” (Joh. 4:23, 24) Kwangathi singaphikelela ekutholeni labo abafuna iqiniso futhi siqinise ubuhlobo babo noNkulunkulu weqiniso. Angatholwa!