Ukwethula Ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
1 Abaningi namuhla banomuzwa wokuthi ukukhetha kwabo inkolo kuyindaba yomuntu siqu. Kanjalo, kungase kube yinselele ukuxoxa nomakhelwane bethu ngalesihloko. Kodwa manje sinencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, eye yabonakala iwusizo olukhulu ekushumayeleni kubantu bezizinda ezingokwenkolo ezihlukahlukene.
2 Yini oyoyisho ukuze uvuse isithakazelo somnini-khaya sokufunda lencwadi? Imaphi amaphuzu noma izici oyoziqokomisa eziyokhanga kulabo abathi bangamaKristu? kulabo abanezinkolelo ezingezona ezobuKristu? noma kulabo abangewona amakholwa? Ukusikisela okulandelayo kuzosisiza ukuba sikulungele ukubonisa omakhelwane bethu isidingo ‘sokufuna uJehova nokumbiza eseseduze.’ (Isaya 55:6) Lokhu kusikisela kungavunyelaniswa nezimo zendawo.
3 Kungani Kumelwe Acubungule Lokho Esizokusho?: Njengoba abaningi bethi banelisekile ngenkolo yabo futhi abanaso isithakazelo sokuyishintsha, singase sidinge ukwenza isingeniso sethu ukuba sisize umnini-khaya ahlole lokho esizokusho ngomqondo ovulekile.
4 Ngemva kokubingelela okufanelekile, ungase uthi:
◼ “Lapho sixoxa nomakhelwane bethu, sithola ukuthi abantu abaningi banelisekile ngenkolo yabo futhi abanaso isithakazelo sokuyishintsha. Kodwa uma abantu bezinika isikhathi sokuhlola izinkolelo zabanye, ingabe ucabanga ukuthi lokhu bekungaholela ekuqondeni okungcono nasekupheleni kwenzondo emhlabeni? [Lindela ukuba umnini-khaya aphendule.] Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo ngalabo abathanda uNkulunkulu nokuthi kufanele bazizwe kanjani ngabanye.” Ngemva kokufunda izEnzo 17:26, 27, donsela ukunakekela ezigabeni 15 no-16 ekhasini 10 lencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.
5 Abaningi baye bathola ukuthi ukuvula isahluko encwadini esikhuluma ngenkolo yomnini-khaya kuyodonsa ukunaka kwakhe. Phawula ukuthi lokhu kungenziwa kanjani.
6 Ngemva kokuzethula, ungase uthi:
◼ “Njengoba kunezinkolo eziningi kangaka namuhla, ingabe wake wazibuza ukuthi singabona kanjani ukuthi inkolo yethu iyavunyelwa yini uNkulunkulu?” Ngemva kokukhulumela komnini-khaya, donsela ukunakekela kwakhe ebhokisini elisekhasini 377 lencwadi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, elibonisa izindlela eziyishumi zokubona inkolo yeqiniso, uphawule ikakhulukazi iphuzu 7. Buza umnini-khaya ukuthi uyavuma yini ukuthi lowo oqhuba inkolo yeqiniso kufanele azizwe ngaleyondlela ngezinye izinhlanga nezizwe. Uma isikhathi sivuma, funda leyomibhalo emithathu ecashuniwe. Khona-ke phetha ngokusho ukuthi ezinye izizathu eziyisishiyagalolunye ezinikeziwe nazo zisekelwa ngokunengqondo ngokufanayo imiBhalo.
7 Ezinye Izici Eziwusizo: Izikhombo zezihlokwana eziyinhloko eziningiliziwe ezingemuva kwencwadi nazo zingasetshenziswa. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma abantu abaningi abasensimini benomuzwa wokuthi zonke izinkolo zimane nje ziyizindlela ezingefani eziya kuNkulunkulu? Khona-ke bheka ngaphansi kwesihloko esithi “Inkolo” lapho okunesihlokwana esithi “‘zonke izinkolo ziyalingana’: 12.” Lokhu kubonisa indlela izikhombo ezingasisiza ngayo ukuba sithole amaphuzu esingaxoxa ngawo. Lapho sikhuluma nalabo abangakholelwa kuNkulunkulu, singase sibabonise izigaba 1 no-2 ekhasini 329, eziphendula umbuzo wokungakholwa kwanamuhla. “Imibuzo Edinga Impendulo” eyisihlanu esemakhasini 17-18 ingase ibathakazelise ngokukhethekile labo abangabaza ukuthi iBhayibheli liyakufundisa lokho izinkolo eziningi ezikushumayelayo.
8 Ngokusebenzisa izindlela eziphumelelayo zokwethula incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, singakwazi ukusiza abantu esixoxa nabo ukuba bafune okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova.