Nakekela Isithakazelo Esitholiwe
1 Lapho sisakaza omagazini bethu nezinye izincwadi ezingokwasezulwini, sisakaza kuyo yonke indawo isigijimi uJesu Kristu asimemezela. Ngakho kufanele senze umzamo okhethekile wokuphindela kubo bonke ababonisa isithakazelo.
2 Ngezinye izikhathi umninikhaya angase athande ukuqale awufunde umagazini ngaphambi kokunquma ukuthi uyafuna yini ukwenza isikhokhelo noma cha. Uma waqokomisa isihloko esithile ku-Phaphama! umninikhaya aba nesithakazelo kuso, veza amanye amaphuzu asesihlokweni lapho ubuya, ugxilisa ingxoxo yakho embhalweni owodwa oyinhloko noma mhlawumbe esigabeni esisodwa noma ezimbili. Uma eqhubeka enesithakazelo, phawula ukuthi i-Phaphama! izuzisa umkhaya wonke. Umagazini ngamunye ukhuluma ngezindaba ezihlukahlukene, njengendawo ezungezile, ukuzithuthukisa, ukubhekana nezinkinga zanamuhla, nemibuzo ekhathaza intsha. Chaza ukuthi uyatholakala ngesikhokhelo nokuthi angathola omagazini abangu-24 ezinyangeni ezingu-12 ngomnikelo ka-R19,00.
3 Kuthiwani uma umninikhaya engenaso isithakazelo kunoma iziphi izihloko ezikumagazini wamuva i-Phaphama!? Esikhundleni sokuphetha ingxoxo, lelithuba ungalisebenzisela ukufundisa umninikhaya okwengeziwe ngomsebenzi woFakazi BakaJehova usebenzisa ukwaziswa okusekhasini 213 encwadini ethi Ukubonisana.
4 Uma esikhathini esidlule wahambisa “INqabayokulinda” ngokusebenzisa eyesi-2 Thimothewu 3:1-5 futhi waqokomisa ukwaziswa okusekhasini 2 kulomagazini, lapho uphindela ungase usho okuthile okunjengalokhu:
◼“Engxoxweni yethu yesikhathi esidlule, sakhuluma ngalokho okushiwo izinto ezenzekayo ezisizungezile emhlabeni namuhla. Abantu abaningi babonakala bephelelwa isithakazelo kuNkulunkulu nasezindinganisweni zakhe zokuphila njengoba zinikezwe eBhayibhelini. Lokhu kuye kwasithonya kakhulu isimo sengqondo sabantu ngomunye nomunye, njengoba kuchazwe embhalweni okweyesi-2 Thimothewu 3:1-5. Ingabe ucabanga ukuthi kunesizathu esinengqondo sokulindela izimo ezingcono esikhathini esizayo?” Ngemva kokulindela impendulo, ungase udonsele ukunakekela kweyesi-2 Petru 3:13. Khona-ke vula emakhasini 357-63 encwadini ethi Ukubonisana, bese uqokomisa lokho uMbuso oyokwenzela isintu.
5 Lapho wenza impindelo, ungase ubone ukuthi umninikhaya umanqikanqika ukwenza isikhokhelo salabomagazini. Ungase uthande ukuzama lendlela ukuze uqalise umzila kamagazini:
◼“Ngingathanda ukufika njalo ngemva kwamasonto amabili ngikulethele omagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama! Ingabe ungakujabulela lokho?” Uma umninikhaya evuma, qikelela ukuba ubhale yonke imininingwane bese uphindela ngokwethembeka njalo ngemva kwamasonto amabili. Ngezinye izikhathi, ngenxa yebanga noma ezinye izinkinga, ungase uthande ukusikisela ukuba ufike kanye ngenyanga nomagazini abane. Umzila kamagazini uyindlela enhle kakhulu yokwenza abantu abangabathembi oFakazi BakaJehova ukuba babethembe. Imizila kamagazini eminingi iye yaphumela ezifundweni zeBhayibheli ezinhle kakhulu.
6 Masenze wonke umzamo wokuphindela kubo bonke ababonisa isithakazelo eqinisweni futhi sibasize babe sendleleni eyisa ekuphileni okuphakade.—Joh. 4:23, 24.