Ingabe Uyabonisana Nabanye Ngemibhalo?
1 Isosha elingumakadebona eliya empini liyohloma liphelele futhi livikeleke ngokuphelele. Umakhi owuchwepheshe olungiselela ukwakha isakhiwo esikhulu uyophatha amathuluzi awadingayo ukuze awuqede wonke umsebenzi. Inceku kaJehova ehlanganyela enkonzweni yasensimini iyophatha “inkemba” yayo esandleni futhi iyisebenzise ngobuchwepheshe noma nini lapho inethuba. (Efe. 6:17) Ingabe kunjalo nangawe? Lapho uhlanganyela enkonzweni, ingabe uyalivumela iZwi likaNkulunkulu likhulume ukuze umoya ongcwele uthinte izinhliziyo zezilaleli zakho?—IzAga 8:1, 6.
2 Ukushumayela akuwona umsebenzi olula ngaso sonke isikhathi. Kwamanye amasimu abantu abavamile ukuba semakhaya, futhi labo esibatholayo ngokuvamile basuke bematasa, basinikeze ithuba elincane lokuba nezingxoxo zeBhayibheli ezinde nabo. Njengoba iBhayibheli liyincwadi yethu eyinhloko yokufunda, singalisebenzisa kanjani ngokwengeziwe enkonzweni futhi sivumele isigijimi salo esiphefumlelwe ukuba sithonye izilaleli zethu?
3 Ngawo Wonke Amathuba: Kuwo wonke amakhaya, sifuna ukusebenzisa iBhayibheli ukuze sishukumise abaninikhaya. Kumelwe sikulungele ukwenza lokhu kungakhathaliseki ukuthi iyiphi incwadi ehanjiswayo. Uma umuntu ematasa futhi singekho isikhathi esanele sokuvula iBhayibheli futhi sifunde ivesi elilodwa noma amabili, ingabe ungacaphuna noma ukhulumele umbhalo othile ngaphambi kokuba uhambise incwadi? Lokho kukodwa kungenza ukuba umuntu ame futhi alalele.—Heb. 4:12.
4 Ngokwesibonelo, uma uhambisa i-Phaphama! ka-December 8, 1993, enesihloko esithi “Izwe Elingenazo Izifo,” ngemva kokuveza umfanekiso osesembozweni, phakamisa umbuzo othi, “Ingabe uyakholelwa ukuthi ziyoke ziphele izifo, kube nesikhathi lapho wonke umuntu eyojabulela impilo yobungqabavu?” Kungakhathaliseki ukuthi uyophendula kanjani, ungase ukwazi ukufunda ngokuqondile eBhayibhelini lakho noma ukhulumele umbhalo, onjengo-Isaya 33:24 noma IsAmbulo 21:4. Ngalendlela uvumela iZwi likaNkulunkulu lizikhulumele.
5 Ezimpindelweni: Kufanele silungiselele ngaphambi kokuba senze izimpindelo. Nokho, ngokuvamile kuyophakama izihloko esingazange silungiselele ukuxoxa ngazo. Yilapho-ke incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo iyobonakala khona iyithuluzi eliwusizo. Ukucaphuna noma ukufunda kwethu imibhalo esekelayo esencwadini Ukubonisana kuyosiza abantu babone ukuthi siyizikhonzi zikaNkulunkulu asisibo abadayisi beZwi.—2 Kor. 2:17.
6 Lapho uphindela kumuntu eningazange nixoxe naye ngesihloko esithile ngokukhethekile, ungamane nje uvule incwadi Ukubonisana ngaphansi kwesihloko esifanelekayo, njengesithi “UJesu Kristu,” “Izinsuku Zokugcina,” noma esithi “Uvuko,” bese usebenzisa esinye sezihlokwana ukuze uqalise ingxoxo. Abaninikhaya bangase bacelwe ukuba bafunde eminye imibhalo emaBhayibhelini abo. Ngaleyondlela iBhayibheli liyothakazelisa futhi libe nenjongo kubo, futhi umoya ongcwele kaJehova uyogeleza uma bethambekele ekulungeni.
7 Umthwalo wethu wemfanelo wokushumayela izindaba ezinhle nokuxwayisa ababi ungongathi sína. Yisigijimi sikaJehova, akusona esethu. Vumela iZwi lakhe, inkemba kamoya, likusize.