Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngomagazini
1 UmShumayeli 12:12 uyaphawula, “Ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela.” Lawomazwi aye abonakala eyiqiniso osukwini lwethu njengoba imishini yokunyathelisa enesivinini esikhulu ikhipha izigidigidi zamaphepha ezincwadi ezinyathelisiwe, zonke zilwela ukuthola ukunaka kwabafundi. Ukutholakala kwezincwadi ezinyathelisiwe eziningi kangaka kubabekela inselele abanyathelisi bezindaba ezinhle zoMbuso. Singabaqinisekisa kanjani abantu ukuthi INqabayokulinda nePhaphama! bangomagazini abanenzuzo enkulu kunabo bonke abanyatheliswayo namuhla?
OMAGAZINI ABANENZUZO
2 Kuhle ukuhlola isimo sethu siqu sengqondo ngeNqabayokulinda nePhaphama! Ingabe ubabheka njengabayigugu iabomagazini, ubheka phambili ngokulangazela kumagazini ngamunye omusha? Ingabe uyasihlela isikhathi sokufunda zonke izihloko? Uma thina ngokwethu sibazisa Iabomagazini, intshiseko yethu yangempela nokuqiniseka okuqotho kuyosisiza ukuba siphumelele ekubahambiseni kwabanye.
3 Abantu ensimini yethu bayakudinga ukwaziswa okuyinzuzo okuqukethwe INqabayokulinda nePhaphama! njengoba nathi sikudinga. Sazuza ezihlokweni ezazibuchaya ngokuphelele ububi babefundisi benkolo yamanga futhi zachaza izixwayiso ezingokwesiprofetho ngokubhujiswa okusondelayo kweBabiloni Elikhulu. KuNqabayokulinda, kaSeptember 15, 1989, isihloko esithi “Yini Okumelwe Siyenze Ukuze Sisindiswe?” sanikeza isikhuthazo esiwusizo ngokuqondene nokuziphatha kwethu nenkambo yethu yokuphila. Izihloko zePhaphama! zamuva ziye zagxila ekuyiphatheni kabi komuntu indawo yasemhlabeni nasezithembisweni zikaNkulunkulu zokubuyisela umhlaba ube yipharadesi. Yeka inala yokudla okungokomoya Iabomagazini abayinikezayo ukuze bavuse kubantu ukuqaphela isidingo sabo esingokomoya.
BAZI OMAGAZINI BAKHO
4 Singamqinisekisa kanjani umuntu ukuthi uyozuza ngokufunda omagazini beNqabayokulinda nePhaphama!? Indlela engcono kakhulu iwukumbonisa iphuzu elikhethekile elingase lithakazelise futhi lihlobane naye. Ukwenza lokhu ngokuphumelelayo kudinga ukuba sijwayelane ngokuphelele nomagazini futhi silungiselele kusengaphambili. Ukulungiselela okunjalo kuqala ngokubafunda kwethu siqu omagazini ngaphambi kokuba sibasebenzise ensimini. Njengoba ufunda, qaphela amaphuzu angasetshenziswa enkonzweni. Kungani ungawaphawuli lamaphuzu komagazini bakho siqu bese ubukeza amaphuzu akho lapho ulungiselela inkonzo yasensimini ngalowomagazini?
5 Njengoba uzifundela ngokwakho INqabayokulinda nePhaphama! kuhle futhi ukucabanga ngokuthi iziphi izihloko eziyobathakazelisa ngokukhethekile abantu abathile ensimini yenu. Ingabe kukhona izihloko eziyokhanga ikakhulukazi odokotela, abameli, noma othisha? Ngokuqondene nalokhu, ungakhohlwa ukubheka izaziso ngezihloko ezizophuma komagazini abalandelayo ukuze ukwazi ukuhlela kusengaphambili futhi uode omagazini abengeziwe ongabadinga. Ukwenza uhlu lwabantu ofisa ukubanikeza Iabomagazini kungaba usizo kakhulu.
6 Ngemva kokukhuluma ngokwenza izincwadi eziningi, umShumayeli 12:12 uthi “nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.” Ukufunda izincwadi zezwe kungase kukhathaze ngoba akunikezi ukuqabuleka okungokomoya. Ngokuphambene, yeka ukuthi sibonga kanjani ngokuba nengxenye egcwele ekusakazeni omagazini beNqabayokulinda nePhaphama!, abadumisa uJehova nabamemezela igama lakhe noMbuso!—IzAga 3:9.