Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/90 kk. 1-4
  • Ukuqokonyiswa Komagazini Abavelele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqokonyiswa Komagazini Abavelele
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUBA NENGXENYE EYENGEZIWE
  • ZIBEKELE UMGOMO WAKHO SIQU
  • Omagazini Bamemezela UMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Bekela Eceleni Isikhathi Somsebenzi Kamagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • INqabayokulinda Ne-Phaphama!—Omagazini Beqiniso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 2/90 kk. 1-4

Ukuqokonyiswa Komagazini Abavelele

1 INqabayokulinda nePhaphama! ka-April noMay zizoba nezihloko ezikhangayo ezizothakazelisa bonke abafuna ikusasa elijabulisayo. Ngokwesibonelo, izihloko zeNqabayokulinda ka-April 1 neka-April 15 zizoxoxa ngezihloko ezithi “Ubani Oyoholela Ekuthuleni?” nesithi “Ukuthula Kwezwe—Kuyosho Ukuthini Ngempela?” Bambalwa abantu abazaziyo izimpendulo zalemibuzo. Kodwa uJehova akasishiyanga sinokungabaza. (Amose 3:7) Ngokuqinisekile, izigidi zabantu abanhliziyo-ziqotho bangakujabulela ukuthola izimpendulo eziyiqiniso.

2 Omagazini bePhaphama! baka-April noMay bazohlanganisa izihloko ezinjengesithi “Yimaphi Amathemba Akhona Ngokuphila Okuhlala Njalo?, ” “Umhlaba Ohlanzekile—Ingabe Uyophila Ukuze Uwubone?,” nesithi “Izwe Elingenazibhamu—Ingabe Lingaba Khona?” Ingabe uyavuma ukuthi abantu ensimini yakini kufanele babe nethuba lokubafunda labomagazini?

UKUBA NENGXENYE EYENGEZIWE

3 Kufanele sikuhlelele manje ukuba nengxenye egcwele ekuhambiseni labomagazini abavelele abazophuma baka-April noMay. Kungani ungahleli manje ukuba unikele ngesikhathi esingaphezu kwesivamile ekuhambiseni omagazini? Ngokucabangela lezihloko kusenesikhathi, singahambisa labomagazini ngokuzethemba nangentshiseko.

4 Yini ezosisiza ukuba sihambise omagazini abengeziwe? Okokuqala nje, kumelwe sibafundisise omagazini. Lapho sijwayelana ngokwengeziwe nomagazini, yilapho intshiseko yethu yokubahambisa iyoba nkulu khona. Lapho ufunda, kufanele uzame ukuthola amaphuzu ozowaqokomisa ezihlokweni ezihlukahlukene. Yini ekhona kumagazini ngamunye engakhanga ohlotsheni oluthile lwabantu? Singazibuza: ‘Obani ngokuyinhloko abazozithanda lezihloko? Yini ezothakazelisa umakhelwane wami, engijwayelene naye, usomabhizinisi, umfundi, njalonjalo?’ Ukuze siphumelele ngokwengeziwe, kufanele sikwazi ukubatusa ngokwethu omagazini ngokusekelwe ekuzazini nasekuzijabuleleni kwethu lezihloko ezifike ngesikhathi

ZIBEKELE UMGOMO WAKHO SIQU

5 Abanye bangase bafune ukuzibekela umgomo womagazini abazobahambisa ngoApril nangoMay. Uma wenza lokho, qiniseka ukuthi wandisa i-oda lakho lomagazini. Lokhu kumelwe kwenziwe zisuka nje, ikakhulukazi uma uhlela ukuba yiphayona elisizayo phakathi nalezinyanga. Ngalendlela ibandla linga-oda omagazini abengeziwe kusenesikhathi ukuze batholakale lapho bedingeka.

6 Singabahambisa labomagazini lapho sifakaza emigwaqweni nalapho sisebenza insimu yamabhizinisi. Abazalwane abaningi baye bavula imizila kamagazini. Lapho kuphindelwa kubantu ababonise isithakazelo, kungase kuhanjiswe omagazini bamuva. Ukufakaza ngokwethukela nakho kungenye indlela enhle kakhulu yokufakaza nokuhambisa omagazini.

7 Khumbula ukuthi omagazini bethu bahlukile. Babonisa indlela yokuthola ukuthula, injabulo, nokuphila okuphakade. (Joh. 17:3) Ngakho kuhlelele manje ukuba nomsebenzi owengeziwe ngezihloko eziyingqayizivele ezizokhishwa komagazini beNqabayokulinda nePhaphama! baka-April noMay.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela