Lungiselela Umsebenzi Kamagazini Ngo-April
Njengoba kuphawulwe kuyi-Khalenda Ka-1996, iSidlo SeNkosi Sakusihlwa kulonyaka siyogujwa ngo-April 2. Sikhuthazwe yilesi senzakalo esikhulu, kwangathi sonke ngothi lwethu singahlanganyela ngentshiseko ekusakazeni omagazini ngo-April. Eminyakeni embalwa edlule siye salujabulela uSuku Lukamagazini olukhethekile ngo-April. Kulonyaka u-April 20 ugcinelwe leyo njongo. Yeka ukuthi omagazini esiyobahambisa bahambisana kanjani nesikhathi! INqabayokulinda ka-April 1 iyogxila enkulumweni yeningi yomhlangano wesigodi wangonyaka odlule, ethi “Dumisani INkosi Yaphakade!” INqabayokulinda ka-April 15 iyoba nesihloko senkulumo yeningi ekhethekile yango-April odlule, ethi “Isiphelo Senkolo Yamanga Siseduze.” Inkulumo ekhethekile yalonyaka ngo-April 21, ethi “Ukuhlala Singenabala Esizukulwaneni Esigwegwile,” kufanele isenze sibe nentshiseko eyengeziwe. Siyobe sihambisa i-Phaphama! ka-April 22 enesihloko esithi “Lapho Izimpi Ziyobe Zingasekho.”
Ngemva komkhankaso wango-April odlule wokuhambisa i-Kingdom News, u-April walonyaka kufanele ube inyanga evelele yokuhanjiswa komagazini. Manje isikhathi sokwenza amalungiselelo. Abaningi bazothanda ukubhalisa njengamaphayona asizayo. Kufanele ku-odwe omagazini abengeziwe bango-April, kuye ngesidingo. Kungenziwa amalungiselelo eziNsuku Zikamagazini, okuzohlanganyela kuzo wonke umuntu ongase akwazi ukuhlanganyela—ekuseni, emini, noma nakusihlwa. Kwangathi sonke singaba “abenzi bezwi.” Njengoba kwabikezelwa ngokuphathelene noMesiya kumaHubo 69:9, kwangathi nathi singakwazi ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kungidlile.”—Jak. 1:22; Joh. 2:17.