Oda Omagazini Bomkhankaso Okhethekile
Phakathi noApril kanye noMay INqabayokulinda iyoba nezihloko ezinamandla ezembula iBabiloni Elikhulu. Ukwaziswa okubalulekile okwanikezwa eMihlanganweni Yesigodi ‘Yokulunga Kwaphezulu’ kuyokhishwa kuNqabayokulinda ka-April 15. Sifisa ukusakaza lomagazini kanye nabanye kabanzi kangangokunokwenzeka phakathi nomkhankaso wezinyanga ezimbili zesikhokhelo.
Ngaphezu komzamo okhethekile owenziwa yibo bonke abamemezeli ukuba basakaze kokubili omagazini beNqabayokulinda nabePhaphama!, akungabazeki ukuthi abaningi bayobhalisa njengamaphayona asizayo futhi bayofuna omagazini abengeziwe phakathi nalomkhankaso. Lapho elungiselela umkhankaso okhethekile, amabandla kumelwe asibone kusengaphambili isidingo sawo somagazini abengeziwe baka-April noMay futhi a-ode omagazini abenele esikhathini eside impela ngaphambi komkhankaso.