Ukuhambisa Isikhokhelo SeNqabayokulinda NgoMay
1 Injongo yeNqabayokulinda ishiwo ngokuqondile kumagazini ngamunye ngenhla ekhasini 2. Yini esingayenza ngokuvumelana naleyonjongo emenyezelwe ukuze sisize abantu abaningi ngangokunokwenzeka? Phakathi noMay, sizokwenza umzamo okhethekile wokukhuthaza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba babe nesikhokhelo seNqabayokulinda.
2 Kumuntu othi ungumKristu singase sithi:
◼ “Sibuza omakhelwane bethu umbuzo futhi singathanda ukuzwa impendulo yakho kuwo. Njengoba uJesu asifundisa ukuthandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze futhi intando yaKhe yenziwe emhlabeni njengasezulwini, ingabe ucabanga ukuthi intando kaNkulunkulu iyokwenziwa ngempela lapha emhlabeni?” Lindela impendulo, bese uvula uIsaya 55:10, 11 futhi ucele umninikhaya ukuba aphawule indlela zonke izithembiso zikaNkulunkulu eziyogcwaliseka ngayo.—rsZU, k. 13, isingeniso sesibili ngaphansi kwesithi “UMbuso.”
3 Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo, ungase uqhubeke uthi:
◼ “Enye yezinjongo zikamagazini weNqabayokulinda ukuletha ukunakekela ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli. Ake uphawule lesihloko.” Khona-ke qondisa ukunakekela esihlokweni sokuqala kumagazini weNqabayokulinda kaMay 1, esithi “U-1914—Unyaka Owashaqisa Izwe” bese uthi: “Kungenzeka uyazibuza ukuthi ‘Kungani kumelwe ngibe nesithakazelo ku-1914?’ Phawula lokho isigaba 2 esikushoyo ngo-1914 nangeNqabayokulinda.” Khona-ke funda lesosigaba.
4 Uma ufuna ukuba nengxoxo ende ngokwengeziwe, yona leyontshumayelo ingandiswa ngokuhlanganisa nombhalo wesAmbulo 21:3-5, njengoba kuvezwe encwadini Ukubonisana.
Kulesisimo, ngemva kokufunda uIsaya 55:10, 11, ungase uthi:
◼ “Isiprofetho esimangalisayo esiphathelene nentando kaNkulunkulu ngomhlaba sizogcwaliseka ngokushesha. Sizothinta ukuphila kwami nokwakho. Lalela nje lokho okubhalwe kusAmbulo 21:3-5.” Khona-ke ungafunda lamavesi bese uxoxa ngezibusiso eziyotholakala ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. Bonisa indlela INqabayokulinda ememezela ngayo uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu.
Ungase uthi:
◼ “Umagazini kaMay 1 unesihloko esithi ‘Ubani Oyosinda “Ngesikhathi Sokuhlupheka”?’ Uyokusiza ukuba ubone indlela ongaphila ngayo ezweni elisha lokulunga ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu esifunde ngawo kusAmbulo 21.”
5 Sebenzisa INqabayokulinda Njengethuluzi Lokuqalisa Isifundo SeBhayibheli: Umgomo wethu uwukusiza abanye ukuba bafunde iqiniso ukuze nabo babe izisebenzi ezikanye noJehova futhi bahlanganyele ekumemezeleni uMbuso kaJehova. Ngakho-ke, lapho sithola abantu abanesithakazelo, sifuna ukubabhala bese siphindela ngokushesha.
6 Nakuba ngokungangabazeki siyothola eziningi zezikhokhelo zethu endlini ngendlu, asifuni ukubakhohlwa labo esisebenzelana nabo kwezebhizinisi, omakhelwane bethu, nezihlobo zethu. Lapho sihlanganyela emsebenzini wasemgwaqweni othile angase athi: “Ngibafunda njalo omagazini benu.” Mchazele indlela angayithola ngayo njalo INqabayokulinda ngokwenza isikhokhelo. Ingabe abantwana bethu siqu banaso isikhokhelo? Ingabe sike sakucabangela ukuthumela isikhokhelo esiyisipho kothile esimkhathalela ngempela? Kuthiwani ngalabo esenza kubona izimpindelo njalo noma ngisho nezifundo zethu zeBhayibheli? Uma umuntu engenakuphumelela ukwenza isikhokhelo sonyaka, mhambisele isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha. Uma umuntu engasamukeli isipho sesikhokhelo, sikisela ukuba athathe omagazini ababili.
7 Njengoba sihlanganyela iqiniso nabanye ngosizo lweNqabayokulinda, kwangathi njalo singafuna isiqondiso sikaJehova emsebenzini wethu ukuze sikwazi ukuthola futhi sondle abanjengezimvu.—Joh. 21:15-17.