Indlela Yokusingatha Izicelo Zezigqebhezana
Sekuyizinyanga eziningana manje iNhlangano ingabonisi umnikelo wezincwadi ezikhangiswa ezigqebhezaneni ezisekhasini elingemuva lomagazini bethu. Isizathu esiyinhloko salokhu siwukuthi amazwe amaningi emhlabeni asebenzisa ilungiselelo lokunikela ngokuzithandela lapho ehambisa izincwadi. Elungiselelweni lokunikela ngokuzithandela ayishiwo imali eqondile ewumnikelo lapho ukhuluma nabaninikhaya. Ukuze senze into efanayo ezincwadini zethu imali ewumnikelo ayisabhalwa ezincwadini.
Kulengxenye yensimu asikho ngaphansi kwelungiselelo lomnikelo wokuzithandela. Khona-ke, lapho izigqebhezana zithunyelwa eNhlanganweni, zithunyelwa ebandleni lensimu lowomuntu osithumele ahlala kuyo. Ibandla licelwa ukuba lihlele ukuba othile ayise leyoncwadi kulowomuntu othumele isigqebhezana eNhlanganweni, bese eyihambisa ngendlela abengenza ngayo ngokuvamile enkonzweni yasensimini, asho umnikelo waleyoncwadi noma umagazini.
Ezimweni ezingavamile kuye kwahlangatshezwana nezinkinga lapho kwenziwa ukuhambela okunjalo lapho abantu beye bathi imali ibingashiwongo esigqebhezaneni. Uma lokhu kwenzeka, ngokuhlakanipha singasho ukuthi lesigqebhezana asizange sisho ukuthi leyonto iyonikezwa “mahhala.” Abantu benhliziyo enhle bayaqaphela ukuthi kunezindleko ezihilelekile ekwenziweni kwezinto ezinjalo futhi bayokujabulela ukukhipha umnikelo wazo. Ezimweni ezenzeka ngankathi, uma siqaphela ukuthi umuntu unesithakazelo esiqotho futhi ngeke akwazi ukuyikhokhela leyoncwadi, ngokungangabazeki siyofuna ukuyikhokhela thina ngokwethu futhi lowomuntu simnike mahhala leyoncwadi noma umagazini. Ngalendlela siyobe senza ingxenye yethu ekunikezeni bonke ithuba ‘lokuza bathabathe amanzi okuphila ngesihle.’—IsAm. 22:17.