Yenza Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Kube Umkhuba NjengoKristu
1 Inkulumo yeBhayibheli ethi “ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu,” (NW), libhekisela ekuhlonipheni kwethu okujulile uJehova uNkulunkulu nenkonzo yokwethembeka kuye. Isibonelo esiyinhloko sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kwakuyiNkosi yethu uJesu Kristu.
2 Ngenkambo yakhe yokuphila lapha emhlabeni, uJesu wazibonakalisa njengomuntu onokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okuphelele. Ngakho-ke, senza kahle ngokucabangela ezinye zezinto eziphathelene nokuphila kwakhe, ikakhulukazi njengoba zihlobana nendima yakhe njengomkhulumeli oyinhloko kaJehova uNkulunkulu.
SHISEKA FUTHI UBE NESIBINDI
3 UJesu wayeshiseka ekumemezeleni lokho uIsaya 61:2 akuchaza ngokuthi “umnyaka womusa kaJehova.” Ngokulandela isibonelo sikaJesu, kufanele sihlanganyele ngentshiseko kulomsebenzi osindisa ukuphila phakathi nezinsuku zokugcina zalesimiso esibi sezinto. Kumelwe futhi sibe nesibindi njengoba noJesu ayenjalo. Ngani? Ngoba isigijimi soMbuso esisimemezelayo siyalumela futhi asithandeki kwabanye, ikakhulukazi lapho sikhuluma ngosuku lwempindiselo kaJehova.
4 Ukuze sisizakale ekukhulumeni ngesibindi futhi sibonise ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, sidinga umoya kaJehova nesiqondiso. KuLuka 4:18, uJesu wathi: “UMoya weNkosi [uJehova] uphezu kwami.” Ngomoya kaJehova nesibusiso, nathi futhi singakwenza umkhuba ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu futhi sibe ngabathokozisayo kuJehova. Ukwenza okuthile kube umkhuba kusho ukuvama ekukwenzeni. Kusho ukuthi okuthile sekuye kwaba indlela yethu yokuphila yansuku zonke. Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kumelwe kube indlela yokuphila ezincekwini zikaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wathi: “Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.”—1 Kor. 10:31.
UKUZINIKELA KOKWESABA UNKULUNKULU, INDLELA YETHU YOKUPHILA
5 Akumelwe silahlekelwe umbono wesidingo esiqhubekayo sokulingisa uKristu ngokusebenzisa ngokunenzuzo amathuba okuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. Njengoba senza lokhu phakathi nenyanga kaJune, kutuswa ukuba siqokomise incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.
6 Phakathi nenkonzo yethu, abanye abantu bayozichaza njengamalungu eqembu elithile elikhulu elingokwenkolo. Singalivuma ngomusa leliqiniso, futhi mhlawumbe, sithi: “Kuyathakazelisa ukuhlangana nabantu bezinkolo ezihlukahlukene. Ukufuna kwesintu uNkulunkulu kuye kwathatha izindlela eziningi ezihlukahlukene. [Uma kufanelekile kuleliphuzu, kungabhekiselwa kuzEnzo 17:26, 27.] Awuvumi yini ukuthi ngokuvamile abantu balandela inkolo yabazali babo, kunokuba bazifunele ngokwabo uNkulunkulu? Ngamanye amazwi, bazalelwa enkolweni ethile. Yilelo iphuzu elivezwa esahlukweni sokuqala salencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. [Bonisa ikhasi 8, isigaba 12.] Ukuthola ulwazi olwengeziwe ngezinye izinkolo kuyakhanyisela futhi kuyafundisa. Lencwadi ichaza umsuka, imikhuba, nezimfundiso zezinkolo zomhlaba ezinkulu.”
7 Indlela yethu yokuphila ayihlanganisi nje kuphela ukumemezela usuku lukaJehova lwempindiselo nonyaka womusa kodwa futhi nokubonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekuphileni kwethu komuntu siqu nokomkhaya. Kumelwe silingise uJesu, sifundise abanye ngesibonelo lokho ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okuyikho ngempela. Ngokulandela isibonelo sikaKristu sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, silwela ngaso sonke isikhathi ukuba nesisusa esihle kukho konke esikwenzayo, sidumisa uJehova futhi sizibonakalisa siyizinceku zakhe ezithembekile. Kwangathi ukubonisa kwethu ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kungasiza abanye ekufuneni kwabo uNkulunkulu futhi kuqondise abaqotho olwazini lukaNkulunkulu weqiniso, uJehova.