Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/91 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 12/91 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngoDecember: INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ngomnikelo ka-R8,00. NgoJanuary nangoFebruary: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R2,60. NgoMarch: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R8,00.

◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngoDecember 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho.

◼ Umbonisi owengamele kufanele ahlele ukuba kukhishwe ama-“Medical Document” nama“Identity Card” ekuqaleni koMhlangano Wenkonzo wesithathu ngoJanuary. Umzalwane osingatha izaziso zebandla anganikeza izikhumbuzo ezimfushane ngokuqondene nokusetshenziswa kwawo njengoba kwashiwo encwadini kaJanuary 1, 1990. Chomani lencwadi ebhodini lezaziso isonto elilodwa noma amabili bese niyiphindisela efayilini lebandla ukuze isetshenziswe esikhathini esizayo. Abazalwane bakhuthazwa kuba bawagcwalise ngokushesha lamakhadi, futhi asayinwe kahle, kubhalwe amagama ofakazi nosuku kuwo lowoMhlangano Wenkonzo. Leli ilungiselelo laminyaka yonke futhi ababonisi abengamele kufanele baqiniseke ngokuthi abadala bayalandelela ngemva komhlangano.

◼ Uma uzoya eholidini phakathi noDecember, qikelela ukuba ulethe umbiko wakho ngaphambi kokuba uhambe, noma uwuthumele ngeposi. Wuthumele ebandleni ohlanganyela kulo kungakephuzi, kungenjalo ngeke ubalwe njengommemezeli woMbuso ngalenyanga.

◼ ISikhumbuzo ngo-1993 siyoba ngoLwesibili, ngoApril 6, ngemva kokushona kwelanga. Lesisaziso esikhishwe kusengaphambili sosuku lokugujwa kweSikhumbuzo ngo-1993 senzelwe ukuba abazalwane bakwazi ukubhuka noma ukwenza izivumelwano zokuthola amahholo uma kudingeka uma kunamabandla amaningi kakhulu asebenzisa iHholo LoMbuso futhi kudingeka bathole ezinye izindawo.

◼ Amabandla manje asengali-oda itekisi lonyaka ka-1992, elizotholakala ngomnikelo ka-R12,00 lilinye ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa, nangesiZulu. Imali yalo iyofakwa ku-akhawunti yezincwadi. Amabandla anesikweletu kuma-akhawunti awo ezincwadi kufanele athumele ama-oda awo kanye nemali.

◼ Kusikiselwa ukuba wonke amabandla achome itekisi elisha lonyaka ngoJanuary 1, 1992.

◼ Njengoba umhlangano ngalonyaka uzoqhutshwa ngoLwesihlanu, uMgqibelo, nangeSonto, iSifundo Sencwadi Sebandla esivamile sizoqhutshwa phakathi nesonto lomhlangano.

◼ Amabandla akhokha ngesheke kufanele aqiniseke ukuthi WONKE amasheke abhalwe ukuthi “NOT NEGOTIABLE” phakathi kwemigqa edwetshwe ngokucacile YAVUNDLA. Amagama athi “or Bearer” nawo kufanele acishwe ngepeni. Amasheke angaphawuliwe kanjalo awanakufakwa ebhange futhi ayophindiselwa kwabawathumele.

◼ IMIHLANGANO YESIGODI: SIZANI NIPHAWULE USUKU OLUQONDILE:

December 20-22: EMAFIKENG, The Great Hall, University of Bophuthatswana, Mmabatho.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

NgesiArabhu: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu (ibandla neningi: R4,00; amaphayona: R2,00). NgesiKwangali: Uhulumeni Oyoletha IPharadesi (ibandla neningi: amasenti angu-80; amaphayona: amasenti angu-40).

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela