Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini ezabelweni zamasonto kaSeptember 2 kuya kuDecember 23, 1991. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhalele kulo izimpendulo zemibuzo ongakwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingasetshenziswa ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo zeNqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. UMose akamukelwanga njengomlobi weziNcwadi Ezinhlanu Zokuqala ngamaJuda kuphela kodwa futhi wamukelwa nangabalobi basendulo, abanye babo ababeyizitha zamaJuda. [siZU k. 338 isig. 5]
2. Ngokusobala uShekemi wamdlwengula uDina. (Gen. 34:1-3) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU85 6/15 k. 31.]
3. Ukulandisa okukuGenesise 38:8-10 ngokuchithela emhlabathini kukaOnani isidoda sakhe kwenqabela ukusetshenziswa kwezinto zokuvimbela inzalo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw73 k. 255.]
4. Nakuba uJuda engenzanga kahle ngokuba nobuhlobo bobulili nowesifazane ayecabanga ukuthi uyisifebe, akazange aphule umyalo othile womthetho kaNkulunkulu. (Gen. 38:11-18) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw73 k. 384.]
5. OFakazi BakaJehova ngokufanelekile bayasukuma, noma ngisho bakhothame phambi kombusi ngenxa yenhlonipho ngesikhundla sakhe uma lokho kuyisiko lendawo. (Gen. 44:14) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU76 k. 48.]
6. Ngemva kokuba uMose ephendule wonke amanzi aseGibithe aba yigazi, abapristi baseGibithe bamlingisa futhi mhlawumbe basebenzisa amanzi omthombo ukuze benze imilingo yabo. (Eks. 7:19-24) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU83 10/15 k. 30.]
7. Ukukhanya kweShekina kwakusobala eNgcwelengcwele yakho kokubili itabernakele nethempeli likaSolomoni. (Qhathanisa noEksodusi 25:21, 22.) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw66 k. 543.]
8. “Ingozi yokufa” yenzeka kumama kuphela. (Eks. 21:23, NW) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw77 kk. 479-480.]
Phendula imibuzo elandelayo:
9. Imaphi amaphutha izinguqulo eziningi zeBhayibheli ezinawo? [siZU k. 324 isig. 17]
10. Yini eba umphumela lapho abahumushi beBhayibheli belahla indlela yokuhumusha ngezwi nezwi ngenxa yalokho abakubheka njengokushelela nokwakheka kolimi? [siZU k. 326 isig. 34]
11. Yini ebubonisa ngendlela ehlaba umxhwele ubuqiniso beBhayibheli? [siZU k. 342 isig. 25]
12. Kungani uRaheli ayezimisele ukunika uLeya ithuba lokukhulelwa lapho uLeya emnika amamandragora, njengoba kulandiswe kuGenesise 30:14, 15? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw67 k. 320.]
13. UGenesise 39:9 ubonisa kanjani ukuthi ukufundisa abantwana ngeZwi likaNkulunkulu kuyobazuzisa kamuva ekuphileni? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw73 k. 556 izig. 17, 18.]
14. Kungani uNkulunkulu athi uMose makacele imvume kaFaro yokuthatha uhambo lwezinsuku ezintathu lokuya ehlane, kuyilapho ayehlose ukuba amaIsrayeli ashiye iGibithe unomphela? (Eks. 3:18) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU83 4/1 k. 31.]
15. Ingabe ukuba igama lomuntu libhalwe ‘encwadini yokuphila’ kaNkulunkulu kunika isiqinisekiso sokuphila phakade? (Eks. 32:32, 33) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 9/1 k. 29.]
16. Singakuchaza kanjani ukuthi “uJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso”? (Eks. 33:11) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw70 k. 320.]
Bhala igama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:
17. Ngokomunye umvubukuli, umsuka wazo zonke izilimi ․․․․․․․. [siZU k. 339 isig. 13]
18. Ukuphela kwesizathu sokuhlukanisa umuntu enelungelo lokushada futhi ․․․․․․․. [peZU isahl. 29 isig. 28]
19. Igama elithi Shilo lisho ukuthi ․․․․․․․ futhi ngokwesiprofetho lalibhekisela ․․․․․․․. (Gen. 49:10, NW) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ireZU kk. 83-4.]
20. Isivumelwano ․․․․․․․ sisiza ekwakhiweni “kombuso wabapristi nesizwe esingcwele.” (Eks. 19:6) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 2/1 kk. 18-19.]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
21. (Umphongolo kaTitus; umbhalo kaPontiyu Pilatu; iAreyophagu) isekhona eAthene, iqinisekisa indawo okukhulunywa ngayo kuzEnzo 17:16-34. [siZU k. 336 isig. 19]
22. Ukuhlola kwanamuhla kwezokwelapha okubonisa ukuthi ukuthukuthela kungaphazamisa umfutho wegazi futhi kubange nokwethuka kwenhliziyo, ubuhlungu bekhanda, umongozima, inzululwane, namalimi kuvumelana (nezAga 14:30; noJobe 19:20; neHubo 12:3). [siZU k. 340 isig. 15]
23. Inkulumo ethi “phakathi kobusuku obubili” ibhekisela esikhathini esisukela (emini kuze kube kusihlwa; ekushoneni kwelanga kuze kube kusihlwa; ebusukwini bosuku lwekhalenda kuya kolunye). (Eks. 12:6) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw73 k. 175.]
24. Okuchazwa kuEksodusi 40:34 (kwakuwubufakazi bokuthi uJehova wayelivumela itabernakele; isikhumbuzo sokuthi uJehova akabonakali; isibonakaliso sezikhathi ezinzima ezazizofika). [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ihs k. 71 isig. 30.]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
Eks. 14:21; Dut. 23:9-14; IHu. 19:7-10; IHu. 77:11, 12
25. Iseluleko seBhayibheli ngenhlanzeko sinengqondo ngokwezempilo. [siZU k. 340 isig. 17]
26. UDavide wazwakalisa ukwazisa kwakhe okusuka enhliziyweni ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu. [siZU k. 350 isig. 7]
27. Ukuze sizuze emiBhalweni, kumelwe sizindle njalo ngeZwi likaNkulunkulu. [siZU k. 351 isig. 12]
28. Nakuba kunikezwa izincazelo ezibonakala zikufanelekele ukukholelwa, lokhu ngokuqinisekile kuyindaba yokungenela kwaphezulu kunokuba kumane kube isici esithile esingokwemvelo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU81 8/15 k. 18.]