Ukuba Nengxenye Ekwandeni KoMbuso
1 “Yeka izinguquko ezimangalisayo!” “Yeka ukuthi kwenzeke ngokushesha kangakanani!” “Yeka ukuthi kuyisibusiso esingakanani kubazalwane bethu baseSoviet Union!”
2 Lamazwi ezwakala ngasekupheleni kuka-August nangasekuqaleni kukaSeptember lapho eSoviet Union kuba khona uchungechunge lwemihlangano eyaqhubeka ngokuphumelelayo nakuba kwakulindelwe ukuthi ingase iphazamiseke. Sekukonke, ababakhona emihlanganweni yaseSoviet kulelihlobo baba ngu-74252, futhi kwabhapathizwa abangu-7 820. Ngaphezu kwalokho, abangu-295 924 abengeziwe bahlangana emihlanganweni eyayiseMpumalanga Yurophu.
3 Ngokuqinisekile, njengasekhulwini lokuqala, amazwi omprofethi uIsaya ayagcwaliseka: “Abantu abahamba ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; . . . Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni.” Yebo, ukwanda koMbuso kuyaqhubeka! UJesu Kristu uyabusa! Futhi njengoba isiprofetho siqhubeka: “Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.”—Isaya 9:2, 3, 7.
4 Ukunakekela ukwanda okukhulu eMpumalanga Yurophu kuye kwadinga ukwakhiwa okuqhubekayo kwezindawo ezithé ukuba zinkudlwana zokunyathelisa eJalimane. Abafowethu lapho bayajabula ngokusekela lokhu kwanda, okunengxenye eqondile ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJesu esingokomlando: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”—Math. 24:14.
5 Nathi ngokufanayo sinokwanda okukhulu egatsheni laseNingizimu Afrika. Muva nje, emhlanganweni ongokomthetho obakhona minyaka yonke weAssociation of Jehovah’s Witnesses of South Africa, kwashiwo amanye amaphuzu enza lokhu kwandiswa kwezakhiwo kube okudingekile, nanokuthi siqhubeka kanjani nokwandisa igatsha. Siyajabula ngokuhlanganyela nani ambalwa alamaphuzu.
6 Isakhiwo Sethu Sokunyathelisa: Lapha egatsheni laseNingizimu Afrika njengamanje sinakekela ukunyatheliswa komagazini bezilimi ezingu-15 ezihlukahlukene. Sekukonke, sinyathelisa omagazini abehlukahlukene abangu-46 inyanga ngayinye! Ngaphezu kwalokho, phakathi nonyaka wenkonzo owedlule, sanyathelisa izincwajana ezingangomagazini ezihlukahlukene ezingu-94 ngezilimi ezingu-25, kanye nezincwajana ezihlukahlukene ezingu-34 ngezilimi ezingu-13. Sakwazi ukwenza izincwadi ezihlukahlukene ezingu-35 ngezilimi ezingu-12! Ukunyatheliswa kwalezincwadi kuzosingathwa ifekthri yaseBrooklyn.
7 Ngaphezu kwalokhu okungenhla, sinakekela futhi sinyathelise INkonzo Yethu YoMbuso ngezilimi eziyisishiyagalolunye inyanga ngayinye, kanye namaphepha okubukeza okulotshwayo. Kwenziwa izinhlaka zezinkulumo zemihlangano yesigodi, zemihlangano yesifunda, zezinsuku zomhlangano okhethekile, kanye nezinkulumo zeningi. Kunyatheliswa izigidi zamapheshana. Sinyathelisa nezimemo, amafomu, kanye nendathane yezincwadi iNhlangano exhumana ngazo nabazalwane abasensimini. Empeleni, manje sinyathelisa cishe izinto eziyizigidi ezimbili inyanga ngayinye esakhiweni sethu sokunyathelisa esisegatsheni lalapha eNingizimu Afrika! Eziningi zalezizinto kudingeka zihunyushelwe ezilimi ezahlukahlukene zalapha. UMnyango wethu Wokuhumusha manje yiwona omkhulu kakhulu emhlabeni wonke.
8 Phakathi nonyaka odlule wenkonzo sathola umshini omusha wokuncwela omagazini onemimese emithathu okuthiwa iWohlenberg uvela egatsheni laseJalimane. Lomshini uyakwazi ukuzidonsela wona omagazini, futhi uye wakuthuthukisa kakhulu ukuncwelwa komagazini bethu. Ukufakwa komshini wethu omusha wokunyathelisa iHantscho manje sekuzofinyelela emaphethelweni. Lapho nje lomshini omusha ususebenza uzokwandisa ukukhiqiza kwethu omagazini noma izincwajana ezingangomagazini kusukela kwezingu-18 000 ngehora kuya kwezingu-56000 lapho siyisebenzisa yomibili imishini yethu yokunyathelisa!
9 Omunye wemisebenzi emikhulu kakhulu esimatasa ngayo manje ukuhunyushwa kweBhayibheli. IKomiti Yokubhala yeNdikimba Ebusayo iye yasinika imvume yokuba sihumushele iBhayibheli ezilimini eziyisithupha: isiBhunu, isiPedi, isiSuthu, isiTswana, isiXhosa, kanye nesiZulu. Okwamanje siqhubeka kahle kakhulu ezilimini ezintathu, okungukuthi isiBhunu, isiSuthu, kanye nesiZulu. Kusadingeka abanye abahumushi balezi ezinye izilimi. UMnyango Wokuhumusha eBrooklyn uye wasilungiselela iSimiso Sokuhumusha IBhayibheli esisebenza ngecomputer. Injongo yalesimiso iwukuveza inguqulo eqondile, evumelanayo, ehumusha ngokwezwi nezwi, nefundeka futhi iqondakale kalula.
10 Esinye isici somsebenzi wethu esiye sanda kakhulu sihilela ukuthunyelwa kwezinto kwamanye amagatsha. Ngokwesilinganiso, ngamaloli amane athwala amathani angu-25, manje sithumela kwamanye amagatsha izinto ezingamathani angu-250 inyanga ngayinye. Omagazini, izincwadi, izinto zokwakha, kanye nezinye izinto eziningi kuthunyelwa njalo egatsheni laseZimbabwe nelaseZambia. Kuze kube manje, sesithumele cishe amathani ayikhulu ezinto zokusiza abazalwane abaswele kanye nezincwadi nomagazini eAngola. Siye sakwazi futhi ukusiza eZaire, eMoçambique, nakwamanye amazwe asengxenyeni eseningizimu neAfrika. Kuyilungelo kithi ukukhonza ngalendlela izithakazelo zabafowethu nodadewethu abakwamanye amazwe.
11 Kuthiwani Ngomsebenzi Wokwakha Wegatsha Lethu? Ngokungangabazeki abaningi benu bazwile ngokubambezeleka komsebenzi wokwakha egatsheni lethu. Ngemva kokuba amaningi amapulani ethu eseqediwe, iHhovisi Lokwakha laseBrooklyn lanquma ukuthi bekungaba ngcono ngathi ukuba silandele izindlela zamuva zokwakha eziphathelene nendlela yokwakha ngokumisa izindonga ezakhelwe phansi (tilt-up). Bachaza ukuthi nakuba lokhu kuzoqale kubangele ukubambezeleka, sizozuza ngokuhamba kwesikhathi. Lokhu ngeke nje kuphela kuphumele ekubeni nesakhiwo esingcono kodwa futhi isikhathi sokumisa isakhiwo sizoshesha futhi ukwandisa kwangesikhathi esizayo kuzokwenziwa ngesivinini esikhulu. Khona-ke kwadingeka siqale phansi futhi ukudweba amapulani.
12 Nokho, siyajabula ukunibikela ukuthi manje sesiwaqedile amapulani, futhi ukwakha amakamelo angu-30 esakhiwo sokuhlala sekungaqala. Empeleni, kakade sesiziqedile izindonga eziningi ezakhelwa phansi okuzosheshisa umsebenzi wethu wokwakha. Kufanele sikwazi ukuqeda sonke isakhiwo ngezinyanga ezithi azibe yisikhombisa noma isishiyagalombili.
13 Ngesikhathi silindile, sesenze omunye umsebenzi omningi. Siye sakha umgwaqo ozungeza isakhiwo sethu, sesenze umsebenzi omningi ngempela ngokuphathelene nokufakwa komshini wokunyathelisa omusha iHantscho rotary press, futhi sesiyiqedile eminye imisetshenzana eminingi yokwakha eBethel. Futhi, kunentuthuko enhle ngokuphathelene nokubhaliswa kwesakhiwo sethu njengendawo engekho ngaphansi kukamasipala (private township). Lapho lokhu sekugunyaziwe, sizokwazi ukwenza omunye umsebenzi wokwakha odingekayo. Kufanele sandise indlu yethu yokudlela; kufanele sandise isakhiwo sethu sokunyathelisa; kufanele senezele esinye isitezi esakhiweni sethu samahhovisi; futhi kuzodinga senezele okungenani enye ingxenye yesakhiwo sokuhlala.
14 INdikimba Ebusayo ikhokhela lonke usizo kanye nezinto zokwakha kwamanye amagatsha. Kodwa thina, kufanele sizinakekelele umsebenzi wethu wokwakha, ngendlela esingakwazi ngayo. Ngokuphathelene nalokhu sifisa ukubonga abazalwane kuyo yonke iNingizimu Afrika ngeminikelo yabo emihle kanye nezithembiso eziningi abazenzile zokusekela ngokwezimali. Nonke nina bafowethu nodadewethu nagcwalisa izigqebhezana ezincane ukuze nibonise imali enizoyinikela zinyanga zonke. Ukusabela kwaba kuhle kakhulu. Amabandla ngaphambili ayenikela u-R50 ngenyanga aye athembisa ukunikela noma malini kusukela ku-R600 kuye ngaphezu kuka-R1000 ngenyanga. Amabandla amancane angakaze anikele aye athembisa ukuthumela umnikelo omkhulu. Sikwazisa kakhulu ukuzimisela kwenu ukusiza ngokwezimali. Siyaqaphela ukuthi kulezikhathi ezingaqinisekile izimo ezingalindelwe zingenza kube nzima ukugcina lezithembiso. Nokho, sinikhuthaza nonke ukuba nikhumbule amazwi omShumayeli 5:4, 5 lapho nicabangela isithembiso enisenzile.
15 Kungakhathaliseki ukuthi uyakwazi ukusebenza ngokuzithandela esakhiweni, noma ukunikela ngemali noma awukwazi, sonke singathandazela ukuphumelela kwalomsebenzi wokwakha, ukuze izithakazelo zoMbuso zandiswe emhlabeni wonke. Kwasengathi uBaba wethu wasezulwini angasenza sonke sichume njengoba sizama ukuqeda umsebenzi wakhe.
Sidinga ngokuphuthumayo abazalwane abazosisiza ngokwakha njengoba kwachazwa encwadini yethu yango-October 15, 1991, eyayithi “Kuwo Wonke Amabandla.”
Kunezinhlu ezimbili zabazalwane abadingekayo:
(1) Abazalwane abangashadile noma imibhangqwana eshadile engenabo abantwana engazenza itholakale isikhathi esizothathwa umsebenzi wokwakha okhona manje noma esingaphezu ngisho nokwalokho.
(2) Ochwepheshe, abanjengabakhi, abapulasiteli, abasebenza ngamapayipi, abanolwazi lukagesi, abashiseli, abangasiza isonto elilodwa kuya esikhathini esingangenyanga noma ngisho nezintathu, phakathi nezikhathi okuzodingeka ngazo amakhono abo.
Uma ungumzalwane ozinikezele onokuma okuhle enhlanganweni kaJehova, futhi ungakwazi ukusebenzisa okungenani isonto elilodwa usisiza esakhiweni, siza ugcwalise ingxenye engezansi kulesisenezelo bese uyithumela kithi. Siyobe sesikuthumelela ifomu lesicelo ukuba uligcwalise.
ISAKHIWO SEGATSHA LASENINGIZIMU AFRIKA
Abazalwane, abaneminyaka engu-19 kuya phezulu, bayamenywa ukuba babhalisele ukusebenzisela amakhono abo emikhakheni ehlukahlukene yomsebenzi wokwakha ngokuba bacele, bagcwalise, bese bebuyisa ifomu lenkonzo yokuzithandela. Uma unanoma iliphi ikhono noma ulwazi lokwakha, noma ufuna ukwenza ngokuzithandela noma imuphi umsebenzi wokusekela, siza ugcwalise lesigqebhezana bese usithumela kuyiCONSTRUCTION DESK, Watch Tower Society, Private Bag 2067, Krugersdorp, 1740. Khona-ke siyobe sesikuthumelela ifomu lesicelo elinokwaziswa okwengeziwe ukuba uligcwalise.
IGAMA ELIPHELELE: IBANDLA:
IKHELI: INo. YOCINGO:
INOMBOLO YEPOSI: