Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Phakathi Nesikhathi Sakho Seholide
1 Phakathi noDecember nasekuqaleni kukaJanuary ngokuvamile siba nesikhathi esengeziwe sokwenza imisebenzi yethu siqu. Kumelwe sihlele kusengaphambili uma sifuna ukuba ukusebenzisa isikhathi sethu kusilethele umuzwa wokufeza okuthile. Yikuphi ukuhlela esingase sikwenze manje ukuze siqikelele ukuthi isikhathi sethu sisisebenzisa kangcono kakhulu ezintweni ezingokwaseZulwini?
2 Inani elikhulu labantu abathakazelayo lijabulela izinzuzo ezingokomoya zelungiselelo lethu lesifundo seBhayibheli sasekhaya samasonto onke. Njengamanje kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaphezu kuka-50 000! Intuthuko yazo engokomoya ixhomeke ikakhulukazi osizweni eziluthola kithina. Kuyoba isibusiso kuzo ukuba khona emhlanganweni wesigodi. Singazenza ziqaphele izinzuzo zawo eziningi ezingokomoya futhi sizisize emalungiselelweni azo ezinto zokuhamba, mhlawumbe sizimeme ukuba zihambe nathi noma nabanye abangase babe nendawo ezimotweni zabo.
3 Ukuba khona emhlanganweni kuvula amathuba engeziwe okufakaza ngokwethukela. Ukuhlela kusengaphambili kufanele kuhlanganise ukufaka ezikhwameni zethu izincwadi zamuva, kuhlanganise namakhophi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Singafakaza kubantu abasebenza emagalaji, emahotela, nasemathilomu okudlela, kanye nakulabo abahamba ngezinto zokuthutha zomphakathi. Lena yindlela enhle yokujabulela okuhlangenwe nakho okuningi.
4 Abasebasha sebeyazi ukuthi isikhathi sabo seholide singoDecember nasekuqaleni kukaJanuary. Nakuba isilinganiso esithile sokuzijabulisa okunempilo sizuzisa, ingabe isikhathi esithile kwesokuphumula singasetshenziselwa ukuba nengxenye eyengeziwe emsebenzini wokufakaza, njengokuba iphayona elisizayo? Abazali bangaqala manje ukusiza abantwana babo ukuba bahlele. Mhlawumbe abantwana abavela emikhayeni ehlukahlukene bangabhalisa futhi basebenze ndawonye njengeqembu. Abanye abangenakukwazi ukubhalisa bangalwela ukwenza okwengeziwe, ikakhulukazi enkonzweni yaphakathi nesonto.
5 Abaningi bazothola isikhathi sokuphumula emisebenzini yabo yokuziphilisa futhi bazobe beya kwezinye izindawo. Ukuhlelela ukuba khona emihlanganweni yebandla lendawo futhi bahlanganyele nalo enkonzweni kungaphumela ekukhuthazaneni okuhle. Kungenzeka ukuthi uya endaweni enensimu engasetshenzwa njalo, okungakwenza ukwazi ukufakaza kubantu abangavamile ukuzwa isigijimi soMbuso.
6 Intsha eningi isanda kuphothula esikoleni. Lokhu kubangela ukukhathazeka okungathi sína ngemigomo yayo ekuphileni. Intsha ehlelela ikusasa layo emigomweni engokwaseZulwini ngokuqinisekile iyothola izibusiso. (1 Joh. 2:15-17) Isinqumo sokungenela inkonzo yamaphayona avamile singaholela endleleni eyanelisayo yokuphila ehlanganisa amalungelo amaningi akhethekile. Konke esikuhlelayo okusigcina sisenkonzweni kaJehova kuyoletha izinzuzo ezihlala njalo kithina nakwabanye.—1 Thim. 4:15, 16.