Isikole Senkonzo SoMbuso Sinikeza Imfundo Engokwasezulwini
Abadala banomthwalo wemfanelo osindayo. Kusukela ngo-1959, kwenziwa amalungiselelo “emfundo ekhethekile yokuqeqesha emsebenzini wababonisi” ukuze basizwe ukuba banakekele lesisabelo esibalulekile. (jp kk. 292-3; yb77 k. 14) Izinceku ezikhonzayo zamenywa ukuba zibe khona ngokokuqala ngqá ngo-1984. ISikole Senkonzo SoMbuso sagcina ukuqhutshwa phakathi nonyaka wenkonzo ka-1988, futhi kwazuza amashumi ezinkulungwane.
Kusukela ngalesosikhathi, kuye kwakhiwa amabandla amaningi futhi kunezinkulungwane zabazalwane abaye bamiswa njengabadala nezinceku ezikhonzayo. Futhi, kuye kwenziwa ukulungisa ekuhleleni okungokwenhlangano. Ngakho-ke, iNdikimba Ebusayo iye yahlela ukuba bonke abadala bamabandla nezinceku ezikhonzayo babe khona eSikoleni Senkonzo SoMbuso phakathi nalonyaka wenkonzo. Lezifundo ezintsha ziklanyelwe ukuhlangabezana nezidingo zamuva zensimu. Abameleli abasuka eBethel kanye nabanye ababonisi abajikelezayo bazohola ekufundiseni kulesikole. Izinzuzo ziyojatshulelwa kuwo wonke amabandla njengoba abadala nezinceku ezikhonzayo besebenzisa lokho abakufunde esikoleni.