Ubuphayona—Inkonzo Eletha Imivuzo Ecebile
1 UJehova ufuna ukuba sijabule futhi sibone okuhle ngawo wonke umsebenzi wethu wokuzikhandla. (UmSh. 5:18) Umsebenzi obaluleke kakhulu esingahileleka kuwo ngumsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. UPawulu wanxusa uThimothewu: “Wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.” (2 Thim. 4:5) Wayekhuthaza uThimothewu, kanti futhi amazwi kaPawulu asikhuthaza sonke namuhla ukuba sizinikele ngomphefumulo wonke enkonzweni yethu. Kwabanye, inkonzo eyenziwa ngomphefumulo wonke ingase ihlanganise ukukhonza njengephayona elivamile. Kungani ungakucabangeli ngomthandazo ukuthi izimo zakho ziyokuvumela yini ukuba ungenele inkonzo yesikhathi esigcwele?
2 Kudingeka Isinyathelo Esiqondile: Ukungenela umsebenzi wamaphayona kudinga ukuthatha izinyathelo eziwujuqu ngokuvumelana nemithandazo yethu. Hlakulela isifiso esiqotho ngenkonzo kaJehova, kanye nothando ngabantu. Yandisa intshiseko yakho enkonzweni, wandise izimpindelo nezifundo zeBhayibheli. Sebenzela ukuba nesimiso esisebenzisekayo; zibekele imigomo engokoqobo. Funa ukusikisela kwabadala namaphayona. Namathela esimisweni esicatshangelwe kahle sokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. Kudingeka ukuzikhuza, ukuthatha isinyathelo kuqala, nokuzimisela. (1 Kor. 9:23, 25, 27) Lezinyathelo ziphakathi kwezinyathelo eziqondile eziye zathathwa abangaphezu kuka-528 abaye babhalisela lenkonzo phakathi nonyaka wenkonzo odlule.
3 Ukubeka imigomo ecacile nokusebenza ngenkuthalo ukuze siyifinyelele kuyosenza sikwazi ukuthuthuka ekushumayeleni kwethu njengoba siphucula amakhono ethu. Ingabe singazithuthukisa izingeniso zethu ezindlini noma indlela esisingatha ngayo ukuphikisa? Ingabe sizisebenzisa ngokugcwele zonke izincwadi ezitholakalayo? Ingabe siqhuba isifundo seBhayibheli esithuthukayo? Ingabe singabuqala ubuphayona obusizayo manje sicabangela ukungenela ubuphayona obuvamile kamuva? Imigomo kumelwe ibe engafinyeleleka futhi ibekwe ngokuvumelana nalokho esikwaziyo ukukufeza. Ukufinyelela imigomo enjalo kuyothuthukisa ukuphumelela kwethu futhi kusilethele ukwaneliseka okukhulu.—1 Thim. 4:15, 16.
4 Indlela Yokuphila Enomvuzo: Ukuphayona sinesisusa esifanele kanye nesifiso sokuthuthuka ngokomoya kuletha izinzuzo eziningi. Siba nokwethembela okukhulu ngokwengeziwe kuJehova. Ukuba nekhono elengeziwe ekuphatheni iZwi likaNkulunkulu kutholakala ngokulisebenzisa njalo enkonzweni. Kuba nethonya elihle ebandleni, futhi abanye bangase bakhuthazeke ukuba babe nengxenye eyengeziwe enkonzweni ngenxa yesibonelo sethu sentshiseko. Ubuphayona bungasisiza ukuba sibe nombono ongokomoya owengeziwe ngokuphila futhi busivikele ekubeni nokulangazela kwezwe, izifiso zalo, nabangane balo.
5 UJesu watshela abalandeli bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.” (Math. 9:37, 38) Isidingo sezisebenzi sikhulu nakakhulu manje kunokuba sasinjalo osukwini lukaJesu. Ubuphayona businikeza ithuba lokuba nengxenye egcwele kulomsebenzi ophuthumayo nosindisa ukuphila. Ayikho into engaqhathaniswa nokwaneliseka okubangelwa ukuba umuntu asebenzise ukuphila kwakhe enkonzweni yesikhathi esigcwele esiyinikela kuMdali wethu Omuhle.—IzAga 10:22.