Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/10 kk. 3-5
  • “Ungaba Iphayona Elihle!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ungaba Iphayona Elihle!”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amaphayona Ayapha Futhi Athola Izibusiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Manje Isikhathi Sokushumayela!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
km 5/10 kk. 3-5

“Ungaba Iphayona Elihle!”

1. Udade othile wayezizwa kanjani ngenkonzo yakhe yokuphayona?

1 UKathe B. Palm wathi: “Awukho omunye umsebenzi engingawenza obungangilethela ukwaneliseka noma obungangivuza kangaka ngokomoya.” Wachitha amashumi eminyaka eyisikhonzi esiyiphayona ehamba lonke izwe laseChile, eNingizimu Melika. Ecabanga ngokuphila okwanelisayo kwabantu abasenkonzweni yesikhathi esigcwele, mhlawumbe othile wake wathi kuwe: “Ungaba iphayona elihle!”

2. Chaza ukuthi kungani imisebenzi engokomoya iletha ukwaneliseka okujulile.

2 Indlela Eyanelisayo Yokuphila: UJesu iSibonelo sethu, wathola ukuqabuleka kwangempela ngokwenza intando kaYise. (Joh. 4:34) Ngakho-ke, uJesu wayeqotho lapho efundisa abalandeli bakhe ukuthi ukwenza imisebenzi ethinta ukukhulekela uJehova kuletha ukwaneliseka kwangempela. Sithola ukwaneliseka uma ukuphila kwethu kugcwele imisebenzi ethokozisa uJehova. Ngaphezu kwalokho, njengoba sinikela isikhathi esithé xaxa, amandla nengcebo yethu ekusizeni abanye, injabulo yethu iyanda.—IzE. 20:31, 35.

3. Iyiphi injabulo esingayithola ngokuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni?

3 Uma sichitha isikhathi esengeziwe enkonzweni, sithola amathuba engeziwe okujabulela ukuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Ngisho nasezindaweni lapho abaninikhaya abaningi bengenasithakazelo khona, singase sithole ukuthi insimu yethu ithela ngaphezu kwalokho ebesikucabanga ngaphambili njengoba sizuza ulwazi nekhono enkonzweni. Amaphayona angasebenzisa ulwazi oluningi aluthola eSikoleni Senkonzo Samaphayona ngemva kokuphayona isikhathi esingangonyaka. (2 Thim. 2:15) Uma siphikelela, singase sihlwanyele imbewu yeqiniso eyothela izithelo kamuva.—UmSh. 11:6.

4. Yini okufanele icatshangelwe yintsha esizophothula esikoleni?

4 Intsha: Njengoba uqedela imfundo yakho eyisisekelo, ingabe usucabangisisile ngekusasa lakho? Kuze kube manje, ukuphila kwakho bekugxile kakhulu emsebenzini wesikole. Uyosivala ngani leso sikhala ngemva kokuphothula esikoleni? Esikhundleni sokuba uthole umsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele, kungani ungacabangi ngomgomo wokuba iphayona elivamile, futhi uthandaze ngawo? Amakhono oyowafunda lapho ushumayela kubantu bezizinda ezihlukahlukene, unqoba izithiyo zomuntu siqu, uhlakulela ukuzithiba futhi uthuthukisa amakhono okufundisa, ayokuzuzisa ukuphila kwakho konke.

5. Abazali nebandla bangakukhuthaza kanjani ukuphayona?

5 Bazali, ingabe nifeza indima yenu ngokukhuthaza izingane zenu ukuba zithathe inkonzo yesikhathi esigcwele? Amazwi enu nesibonelo senu esihle kungafeza lukhulu ekuzisizeni zibeke izithakazelo zoMbuso phambili. (Math. 6:33) URay, owaqala ukuphayona lapho eqeda esikoleni, uyakhumbula: “Umama wayelokhu enomuzwa wokuthi ukuphayona kuyindlela eyanelisa kakhulu yokuphila.” Bonke ebandleni bangakhuthaza abanye ukuba bangenele inkonzo yokuphayona ngalokho abakushoyo nangokubasekela. UJose waseSpain uthi: “Ibandla lasekhaya lalibheka umsebenzi wokuphayona njengomsebenzi wentsha omuhle kakhulu. Amazwi abo nokwazisa ngenkonzo yokuphayona kanye nosizo lwabo olungokoqobo kwakwenza kwaba lula ukuba ngiqale ukuphayona.”

6. Yini esingayenza uma singenaso isifiso sokuphayona okwamanje?

6 Ukunqoba Izithiyo: Kodwa kuthiwani uma uthi, ‘Anginaso isifiso sokuphayona.’ Uma kuyileyo ndlela ozizwa ngayo zisuka nje, thandaza kuJehova ngendlela ozizwa ngayo futhi umtshele ukuthi, ‘Angazi noma ngikulungele yini ukuphayona, kodwa ngifuna ukwenza okuthokozisa wena.’ (IHu. 62:8; IzAga 23:26) Ngemva kwalokho funa isiqondiso sakhe eZwini lakhe nasenhlanganweni yakhe. Amaphayona amaningi avamile aqala “ukunambitha” ukuphayona ngokuba amaphayona asizayo, futhi injabulo ayithola yawashukumisela ukuba angenele inkonzo yesikhathi esigcwele.—IHu. 34:8.

7. Singakunqoba kanjani ukungabaza kokuthi singawafinyelela yini amahora angu-70 afuneka nyanga zonke?

7 Kuthiwani uma ungaqiniseki ukuthi ungawafinyelela yini amahora angu-70 afuneka nyanga zonke? Kungani ungaxoxi namaphayona anezimo ezinjengezakho? (IzAga 15:22) Yibe usubhala izimiso ezihlukahlukene ongazisebenzisa. Ungase uthole ukuthi ukuthenga isikhathi senkonzo ezintweni ezingabalulekile kulula kunalokho obukucabanga.—Efe. 5:15, 16.

8. Kungani kufanele sihlole izimo zethu ngezikhathi ezithile?

8 Phinde Uhlole Izimo Zakho: Izimo zomuntu siqu ziyashintshashintsha. Kuhle ukuhlola izimo zakho ngezikhathi ezithile. Ngokwesibonelo, ingabe usuzothatha umhlalaphansi emsebenzini? URandy, owasheshe wathatha umhlalaphansi, uthi: “Lesi sinqumo sisisize ukuba mina nomkami siqale ukuba amaphayona avamile, futhi sisinike ithuba lokuthutha siyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Ngithole izibusiso eziningi ngenxa yesinqumo sami, kodwa esikhulu kunazo zonke unembeza omuhle.”

9. Yini okufanele icatshangelwe yimibhangqwana eshadile?

9 Eminye imibhangqwana ithole ukuthi ngemva kokuhlaziya isimo ngokucophelela, akudingeki ukuba bobabili basebenze isikhathi esigcwele. Kuyiqiniso ukuthi lokhu kungase kudinge ukuba umkhaya uphile ngendlela elula, kodwa lokho kuzidela kunomvuzo. UJohn, umkakhe osanda kuyeka umsebenzi wesikhathi esigcwele ukuze andise inkonzo yakhe, uthi: “Awukho umuzwa ojabulisa njengokwazi ukuthi umkami uhileleke ezintweni ezingokomoya phakathi nosuku.”

10. Yini eshukumisela amaKristu ukuba acabangele ukuphayona?

10 Isibonakaliso Sothando Nokholo: UJehova wenze ukuba umsebenzi wokushumayela ube umsebenzi obaluleke kunayo yonke esingayenza. Lesi simiso esidala sizobhujiswa maduze, futhi yilabo ababiza igama likaJehova kuphela abayosindiswa. (Roma 10:13) Inhliziyo egcwele uthando ngaye nokwazisa ngalokho asenzele khona iyosishukumisela ukuba silalele umyalo esawunikwa yiNdodana yakhe wokuba sishumayele ngentshiseko. (Math. 28:19. 20; 1 Joh. 5:3) Ngaphezu kwalokho, ukuba nokholo lokuthi ngempela siphila ezinsukwini zokugcina kuyosishukumisela ukuba senze konke okusemandleni ethu enkonzweni isikhathi singakapheli, kunokuba sisebenzise izwe ngokugcwele.—1 Kor. 7:29-31.

11. Kufanele usabele kanjani uma othile ethi ungaba iphayona elihle?

11 Ukuba iphayona elivamile akukhona nje ukusekela ilungiselelo lenhlangano; kuyisibonakaliso sokuzinikela kwethu kuNkulunkulu. Ngakho uma othile ekutshela ukuthi ungaba iphayona elihle, kubheke njengamazwi okukuncoma. Kucabangele ngomthandazo ukuzihlanganisa nalabo abahileleke kulo mkhakha wenkonzo owanelisayo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

Bazali, ingabe nifeza indima yenu ngokukhuthaza izingane zenu ukuba zithathe inkonzo yesikhathi esigcwele?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

UJehova wenze ukuba umsebenzi wokushumayela ube umsebenzi obaluleke kunayo yonke esingayenza.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela