Ungangena Yini ‘Emnyango Omkhulu Oholela Emsebenzini’?
1. Yimuphi “umnyango omkhulu oholela emsebenzini” osivulekele?
1 Lapho umphostoli uPawulu evulelwa “umnyango omkhulu oholela emsebenzini,” walisebenzisa ngentshiseko ithuba lokuqhubekisela phambili izinto eziphathelene noMbuso naphezu kwabaphikisi abaningi. (1 Kor. 16:9) Namuhla abamemezeli boMbuso abangaba ngu-642 000 emhlabeni wonke baye bangena emnyango omkhulu womsebenzi ngokuba amaphayona avamile.
2. Kungani kukuhle ukuba sihlaziye izimo zethu ngezikhathi ezithile?
2 Izimo Ziyashintsha: Nakuba izimo zethu ngabanye njengamanje zingalinganisela izinto esingazenza, izimo ziyashintsha. Ngakho kuhle ngathi ngabanye ukuba sihlaziye izimo zethu ngezikhathi ezithile, singalindi izimo ezikahle. (UmSh. 11:4) Ingabe usemusha futhi usuzophothula esikoleni esiphakeme? Ingabe ungumzali wezingane esezizoqala maduze nje ukufunda isikole? Ingabe usuzothatha umhlalaphansi emsebenzini? Lolu shintsho lungase lukunikeze isikhathi esithile ngaleyo ndlela ukwazi ukuqala inkonzo yamaphayona avamile. Omunye udade owayehlushwa impilo wanquma ukubhalisa njengephayona eneminyaka engu-89 ubudala. Kungani? Njengoba kwase kuphele unyaka wonke engazange alaliswe esibhedlela, waba nomuzwa wokuthi impilo yakhe ingamvumela ukuba aphayone.
3. Abanye baye balwenza kanjani ushintsho ukuze bakwazi ukuba amaphayona avamile?
3 Ekuqaleni, uPawulu wayehlose ukuvakashela abafowabo eKorinte. Kodwa washintsha ayekuhlelile ngenxa yezindaba ezinhle. Abaningi abangamaphayona avamile namuhla kuye kwadingeka benze ushintsho oluningi ukuze bakwazi ukuphayona. Abanye baye benza ukuphila kwabo kwaba lula baze bakhetha ukubamba amatoho nje kuphela ukuze bakwazi ukunakekela izindleko zabo zokuphila ezincishisiwe. Baye bathola injabulo elungelweni labo lenkonzo. (1 Thim. 6:6-8) Eminye imibhangqwana eshadile iye yenza ushintsho oluyivumela ukuba ikwazi ukuphila ngomholo womuntu oyedwa, okuvulela inkosikazi indlela yokuba iphayone.
4. Yini esingayenza uma singaqiniseki ukuthi singakwazi ukufinyelela amahora afunekayo?
4 Ungasheshi uwuchithe umqondo wokuphayona ngenxa yokwesaba ukuthi ngeke ukwazi ukufinyelela amahora afunekayo. Kudingeka usebenze nje amahora angaphezudlwana kwamabili ngosuku. Uma ungaqiniseki ukuthi ungakwazi yini ukukwenza, zama ukuba yiphayona elisizayo isikhathi esingangenyanga eyodwa noma ezimbili kodwa uzibekele umgomo wamahora angu-70. Lokhu kuyokuvumela ukuba unambithe injabulo yokuphayona. (IHu. 34:8) Xoxa nalabo abangamaphayona njengamanje. Kungenzeka banqoba izinselele ezifana nezakho. (IzAga 15:22) Cela uJehova ukuba abusise imizamo yakho yokwandisa inkonzo.—1 Joh. 5:14.
5. Kungani ukuba yiphayona elivamile kuwumzamo ozuzisayo?
5 Umzamo Ozuzisayo: Ukukhonza njengephayona elivamile kuletha izibusiso eziningi. Kwenza ukuba uthole injabulo enkulu elethwa ukwandisa umoya wokupha. (IzE. 20:35) Ukuphayona kuyolola ikhono lakho lokuphatha iZwi likaNkulunkulu ngokufanele. (2 Thim. 2:15) Kuyokunikeza amathuba engeziwe okubona isandla sikaJehova sisebenza ngokoqobo ukuze akusekele. (IzE. 11:21; Fil. 4:11-13) Kanti kuyokusiza nokuba uthuthukise izimfanelo ezingokomoya, njengokukhuthazela futhi kuyokwenza usondele kuJehova. (Jak. 4:8) Ungangena yini kulo mnyango omkhulu womsebenzi ube yiphayona elivamile?