Ingabe Wake Wakhonza Njengephayona Elivamile?
1. Yiliphi ilungelo abaningi abaye baba nalo, kodwa yini okuye kwadingeka abanye bayenze?
1 Eminyakeni edlule, izinkulungwane ziye zaba nelungelo ‘lokufundisa nokumemezela izindaba ezinhle.’ (IzE. 5:42) Nokho, abanye kuye kwadingeka bayeke ukuphayona ngenxa yezizathu ezihlukahlukene. Uma kuwukuthi wake waba yiphayona elivamile, uke wazihlola yini izimo zakho zamanje ukuze ubone ukuthi ungaphinda yini uphayone?
2. Kungani labo abake baphayona ngaphambili kufanele bahlole izimo zabo zamanje?
2 Izimo Ziyashintsha: Kungenzeka ukuthi izimo ezakwenza wayeka ukuphayona sezishintshile. Ngokwesibonelo, uma wayeka ukuphayona ngoba ungakwazi ukufinyelela amahora angu-90 ngenyanga, ungaphinde uphayone yini manje, njengoba amahora adingekayo esencishisiwe aba ngu-70? Ingabe isidingo sokuba usebenze noma imithwalo yemfanelo yomkhaya seyinciphile selokhu wayeka ukuphayona? Omunye udade owayeka ukuphayona ngenxa yenkinga yempilo wakwazi ukubuye aqale lapho eseneminyaka engu-89. Kwase kuphele unyaka engayi esibhedlela ngakho waba nomuzwa wokuthi impilo yakhe ingamvumela ukuba aphinde aphayone!
3. Amalungu omkhaya angabambisana kanjani ukuze asize elinye ilungu liphayone?
3 Mhlawumbe awukaze uphayone, kodwa othile emkhayeni wakho wayeka ukuphayona ukuze anakekele ilungu lomkhaya, njengomzali osekhulile. (1 Thim. 5:4, 8) Uma kunjalo, wena noma abanye ekhaya ningenza yini okwengeziwe ukuze nisize? Kungani ningaxoxi ngale ndaba? (IzAga 15:22) Uma amalungu omkhaya ebambisana ukuze elinye likwazi ukuphayona, onke angaba nomuzwa ofanele wokuthi anengxenye kulo msebenzi.
4. Kuthiwani uma ungakwazi ukuphinde uphayone njengamanje?
4 Ungadangali uma izimo zakho njengamanje zingakuvumeli ukuba uphinde uphayone. Ukuhlala kwakho ukulungele kuyamjabulisa uJehova. (2 Kor. 8:12) Sebenzisa amakhono owawathola ngesikhathi uphayona enkonzweni yakho yamanje. Thandaza ngesifiso sakho futhi uwaphaphamele amathuba okulungisa izimo zakho. (1 Joh. 5:14) Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi, uJehova uyokuvulela “umnyango omkhulu oholela emsebenzini” ukuze uphinde uthole injabulo yokuba iphayona elivamile!—1 Kor. 16:9.