Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/93 k. 2
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzithoba Kwethu KuJehova Ngokuzinikezela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ingxoxo Yokuphetha Nabazobhapathizwa
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Ingabe Indlela Ogqoka Ngayo Ikhazimulisa UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Ukubhapathizwa​—Umgomo Omuhle!
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 6/93 k. 2

IBhokisi Lemibuzo

◼ Yini engabhekwa njengezingubo ezifanelekayo lapho umuntu eyobhapathizwa?

Nakuba izindinganiso zokugqoka zihluka ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba, isiyalo seBhayibheli sokuba sigqoke ‘ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo’ siyefana kuwo wonke amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi ahlalaphi. (1 Thim. 2:9, qhathanisa ne-NW.) Lesimiso kufanele sisetshenziswe lapho kucatshangelwa ukuthi yiziphi izingubo ezifanelekayo uma ubhapathizwa.

INqabayokulinda ka-June 1, 1985, ikhasi 30, inikeza umuntu obhapathizwayo leseluleko: “Eqinisweni kumelwe kuboniswe isizotha ngohlobo lwengubo yokungena emanzini esetshenziswayo. Lokhu kubalulekile namuhla lapho abaklami bezimfashini bebonakala befuna ukugabisa ngobulili nokuveza cishe ubunqunu bomuntu ngokuphelele. Esinye isici okumelwe sicatshangelwe siwukuthi ezinye izingubo ezibonakala zizothile lapho zomile ziba okuphambene nalokho lapho sezimanzi. Akekho obhapathizwayo ongathanda ukuba yimbangela yokuphazamiseka noma yokukhubekisa esenzakalweni esingathi sína [njengobhapathizo].—Filipi 1:10.”

Ngokuvumelana nalesiseluleko, labo ababhapathizwayo bayofuna ukugqoka izingubo ezinesizotha, bekhumbula ukubaluleka kwalesenzakalo. Ngaleyondlela, ingubo yokubhukuda emfushane noma enamathela ngokungenasizotha emzimbeni lapho imanzi ayinakuba ingubo efanelekayo ngomKristu futhi kufanele igwenywe. Ngendlela efanayo, kungaba okungafanelekile ngomuntu ukuba abukeke egqoke ngendlela yobudlabha noma ukunganaki. Ngaphezu kwalokho, ngeke kube okufanelekile ukugqoka izikibha ezinezinkulumo zezwe noma iziqubulo zezentengiselwano.

Lapho abadala ababelwe bebukeza imibuzo yobhapathizo nomfundi ozobhapathizwa, lesi kungaba yisikhathi esihle sokuxoxa ngokubaluleka kokugqoka izingubo ezifanelekayo. Ngalendlela isizotha salesenzakalo siyolondolozwa, futhi siyoqhubeka sivelela njengabahlukile ezweni.—Qhathanisa noJohane 15:19.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela