Basha—Yenzani Inhliziyo KaJehova Ithokoze
1 Lapho umuntu esebenzisa amandla obusha nobungqabavu ngendlela efanele, ukuphila kungajabulisa ngempela. INkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho.” (UmShu. 11:9) Nina basha niyolandisa kuNkulunkulu ngezenzo zenu.
2 Indlela eniphila ngayo ukuphila kwenu ayithinti nina nodwa kodwa nabazali benu. IzAga 10:1 zithi: “Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.” Kodwa okubaluleke ngisho nangaphezulu, indlela eniphila ngayo ukuphila kwenu ithinta uMdali wenu, uJehova uNkulunkulu. Kungakho nezAga 27:11 zikhuthaza nina enisebasha: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” Nina basha ningayenza kanjani inhliziyo kaJehova ithokoze namuhla? Lokhu kungenziwa ngezindlela eziningi.
3 Ngesibonelo Esihle: Nina basha nibhekene ‘nezikhathi ezinzima’ ezabikezelwa eZwini likaNkulunkulu. (2 Thim. 3:1) Ningase futhi nicindezelwe izingane enifunda nazo esikoleni ezingakholwa ngisho nangothisha abangase bayihleke usulu imibono yenu esekelwe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, uthisha othile wathi umbono wokuziphendukela kwemvelo uyiqiniso futhi iBhayibheli liyinganekwane. Nokho, ummemezeli omncane kulelokilasi ngobuqotho walivikela iBhayibheli. Ngenxa yalokho, kwaqaliswa izifundo eziningi zeBhayibheli. Abanye abanesithakazelo baqala ukuba-khona emihlanganweni. Ukholo lwenu bafowethu nodadewethu abasha luyalilahla izwe elingamesabi uNkulunkulu futhi ludonsele eqinisweni abanhliziyo ziqotho.—Qhathanisa namaHeberu 11:7.
4 Ingabe ningabakhuthaza ontanga yenu ebandleni ukuze banganqotshwa okubi? Ngokubeka isibonelo esihle esikoleni, ekhaya, nasebandleni, ningaluqinisa ukholo lwabanye abamemezeli abasebancane. (Roma 1:12) Yenzani inhliziyo kaJehova ithokoze ngokubekela abanye isibonelo.
5 Ngokugqoka Nangokuzilungisa: Udade othile osemusha wagconwa futhi wahlekwa usulu ngenxa yokugqoka kwakhe ngesizotha futhi wethiwa ngokuthi “ungcwelengcwele.” Lokhu akuzange kumesabise futhi kumenze azivumelanise nezindinganiso zezwe zokungamesabi uNkulunkulu. Kunalokho, wachaza ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova nokuthi yena ulondoloza indinganiso ephakeme yoFakazi. Ingabe unaso isibindi esinjalo? Noma ingabe uvumela izwe likaSathane likwenze uvumelane nendlela yalo yokucabanga neyokuziphatha? Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukubona iningi lenu nina basha lilalela imfundiso kaJehova futhi lenqaba izitayela zokunganaki, izimfashini, izithixo, nezimfundiso zezwe. Kumelwe sikuqaphele ngempela ukuthi lezozinto ezivela ezweni zinethonya lamademoni!—1 Thim. 4:1.
6 Ngokukhetha Indlela Yokuzijabulisa Neyokuzilibazisa: Abazali kudingeka bahlale bekukhumbula ukubaluleka kokusiza abantwana babo ukuba balukhethe ngokuhlahlakanipha uhlobo lokuzijabulisa nokuzilibazisa. Umzalwane othile wancoma umkhaya okahle ayeye wawuthanda kakhulu. Njengoba babekhathalela izinto ezingokomoya, abazali babenikeza isiqondiso esasisetshenziswa nasekuzilibaziseni komkhaya. Lomzalwane waphawula: ‘Ngiyakuthanda ukwenza kwabo izinto ndawonye. Abazali abagcini nje ngokusiza abantwana ukuba balungiselele inkonzo, kodwa lapho sekuyisikhathi sokuzijabulisa, bayakujabulela ukuyoqombola izintaba, ukuvakashela iminyuziyamu, noma ukuhlala nje ekhaya badlale noma benze imisebenzi ethile. Ukuthandana kwabo nokuthanda abanye kukwenza uzizwe uqiniseka ukuthi bayoqhubeka behamba eqinisweni nasesikhathini esizayo, kumnyama kubomvu.’
7 Yiqiniso, kunezikhathi lapho kungenakwenzeka khona ukuba wonke umkhaya uhlanganyele ekuzilibaziseni nasekuzijabuliseni. Nina basha kudingeka nikuqaphele lokhu kanye nokubaluleka kokukhetha indlela eniyosichitha ngayo isikhathi senu eningenzi lutho ngaso. USathane uzimisele ukudukisa abaningi ngangokunokwenzeka. Abasha nabangenakho okuhlangenwe nakho yibona ikakhulukazi abangase balinyazwe izenzo zakhe zobuqili nokunxenxa kwakhe. (2 Kor. 11:3; Efe. 6:11) Ngakho namuhla uSathane usebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokuniyenga ukuze aniphambukise niphishekele ukuphila kokufuna injabulo ngobugovu nokungalungi.
8 Ithelevishini iwumdukisi omkhulu okhuthaza ukuthanda izinto ezibonakalayo nendlela yokuphila kokuziphatha okubi. Amabhayisikobho nama-video ngaso sonke isikhathi abonisa ubudlova nobulili obenziwa obala. Umculo othandwayo uye wonakala futhi wangcola ngokwandayo. Izinto uSathane ayenga ngazo zingase zibonakale zingenabubi, kodwa ziye zafaka izinkulungwane zabasha abangamaKristu ogibeni lokucabanga nokuziphatha okungalungile. Ukuze nimelane nokucindezela okunjalo, kumelwe nikuphishekele ngentshiseko ukulunga. (2 Thim. 2:22) Uma kudingeka izinguquko ekucabangeni noma ekuziphatheni kwenu ngokuqondene nokuzijabulisa nokuzilibazisa, zingenziwa kanjani? Umhubi uyaphendula: “Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho.”—IHu. 119:10.
9 Kuvamile ukukhulekelwa kwezemidlalo nezihlabani zezokuzijabulisa. Ukwesaba uJehova kuyonisiza ukuba nigweme ukukhulekela abantu abangaphelele. Ngisho nokuziphatha okubi kobulili kuyakhulekelwa namuhla ngabaningi. Ningakugwema lokhu kuthambekela ngokugwema izincwadi ezingcolile nomculo owonakalisayo. Iphawula ngomculo, INqabayokulinda ka-April 15, 1993, yathi: “Umculo uyisipho saphezulu. Nokho, kwabaningi uyinto yokuzilibazisa engenampilo. . . . Kwenze umgomo wakho ukugcina umculo usendaweni yawo futhi ukhathalele ngokuyinhloko umsebenzi kaJehova. Yiba ngokhethayo noqaphelayo emculweni owukhethayo. Kanjalo uyokwazi ukusisebenzisa kahle—hhayi kabi—lesisipho saphezulu.”
10 Hlakulelani ukukwenyanya ngokuphelele okubi. (IHu. 97:10) Lapho nilingelwa ukuba nenze okubi, cabangelani indlela uJehova ayibheka ngayo leyondaba, bese nicabanga ngemiphumela: ukukhulelwa okungafunwa, izifo ezithathelwana ngobulili, ukulimala ngokomzwelo, ukulahlekelwa ukuzihlonipha, nokulahlekelwa amalungelo ebandleni. Gwemani ukuzibeka esimweni sokuthonywa imibukiso ye-TV, amabhayisikobho, ama-video, izingoma, noma izingxoxo ezikhuthaza ububi. Gwemani ukuba nobudlelwane nalabo iBhayibheli elibafaka ohlwini ‘lweziwula.’ (IzAga 13:19) Yibani abakhethayo; khethani abangani abaseduze kulabo abasebandleni abamthandayo uJehova nezindinganiso zakhe zokulunga.
11 Yebo, abasha abakufunayo ngempela ukwenza inhliziyo kaJehova ithokoze bayolalela iseluleko esihle esitholakala kweyabase-Efesu 5:15, 16: “Bhekisisani ukuthi nihamba kanjani‚ kungabi-njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo‚ nithengisise isikhathi‚ ngokuba izinsuku zimbi.” Yini eyonisiza ukuba ‘nibhekisise’ intuthuko yenu kulezizinsuku zokugcina?
12 Ukukhathalela Izidingo Ezingokomoya: KuMathewu 5:3 (NW), uJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” Nani ningajabula ngokuqaphela isidingo senu esingokomoya. Ukwanelisa lesosidingo kuhlanganisa ukuhlanganyela ngentshiseko ekushumayeleni izindaba ezinhle, ngoba lokhu kwakha ukholo lwethu ezintweni esizifundayo.—Roma 10:17.
13 Nazi kokuhlangenwe nakho kwenu siqu ukuthi akulula ngaso sonke isikhathi ukuhlanganyela njalo enkonzweni. Ngokuyinhloko lokhu kungase kubangelwe ukuntula ukuzethemba. Ngakho, ukuzimisela kwenu ngokuqinile kubalulekile. Ngokuhlanganyela njalo enkonzweni, niyokhulisa amakhono enu okufakaza futhi nilethembe ikhono lenu lokushumayela.
14 Yenzani amalungiselelo okusebenza nabamemezeli abanokuhlangenwe nakho okuthé xaxa ebandleni, njengamaphayona avamile nabadala. Lalelisisani izintshumayelo zabo nendlela abakusingatha ngayo ukuphikiswa ezindlini. Yisebenziseni ngokugcwele incwadi ethi Ukubonisana nokusikisela okunikezwa ku-Nkonzo Yethu YoMbuso. Ngokushesha nje niyothola injabulo eyengenziwe enkonzweni ngoba niyobe ninikela kuJehova ngakho konke eninakho.—IzE. 20:35.
15 Abanye bawasebenzisa ngokugcwele amathuba okufakaza esikoleni futhi baye baphumelela ekwenzeni abafundi. (Math. 28:19, 20) UmKristu othile osemusha uthi: “Ngezikhathi esingenzi lutho ngazo ekilasini, ngiye ngaba namathuba amaningi okufakaza, ikakhulukazi ngesikhathi sokugujwa kwamaholide ezwe. Lapho ngishiya izincwadi zeBhayibheli edeskini lami lapho abanye bengase bazibone khona, abafundi abaningi abanesithakazelo beza kimi.” Ekugcineni, abafundi abaningi ngisho nothisha baqala ukuba-khona emihlanganweni yobuKristu. Eqinisweni, uthisha wathuthukela ezingeni lokuba uFakazi ozinikezele. UJehova uthokoza kakhulu lapho abakhulekeli abasebasha njengani beletha udumo egameni lakhe.
16 Enye indlela eningasenelisa ngayo isidingo senu esingokomoya iwukuba nesifundo somuntu siqu. Ukuze senze inhliziyo kaJehova ithokoze, kumelwe singenise ulwazi ngaye, izinjongo zakhe, nezimfuneko asibekele zona. Ingabe niyasibekela eceleni isikhathi sesifundo somuntu siqu? Ingabe nitadisha njalo, njengoba nje njalo niba nesikhathi sokudla? (Joh. 17:3) Ingabe ninaso isimiso senu siqu sokufunda iBhayibheli esihlukile kwesokuzama ukuhambisana nesimiso sokufundwa kweBhayibheli seSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini? Ingabe niyilungiselela kahle yonke imihlangano? Ingabe nibafunda njalo omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!? Okubaluleke nangaphezulu, ingabe niba naso isikhathi sokufunda isihloko ngasinye ochungechungeni oluthi “Intsha Iyabuza . . . ,” nifunda ngokucophelela umbhalo ngamunye? Futhi ningayikhohlwa incwadi iNhlangano eyilungiselele izidingo zenu ezingokomoya ngokukhethekile, ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Intsha engamaKristu nabazali bayo emhlabeni wonke baye babhala bechaza indlela lencwadi ebasize ngayo ukuba basondele kuJehova.
17 Lapho ufunda iBhayibheli nezinsiza-kufundisa zeBhayibheli ezingokwasezulwini, zikutshela ngoJehova, indlela acabanga ngayo, nangezinjongo zakhe. Cabangela indlela lokhu kwaziswa okungakusiza ngayo. Hlobanisa lokho okufundayo nalokho owakufunda ngaphambili. Lokhu kuhilela ukuzindla. Ukuzindla kwenza ukwaziswa kufinyelele enhliziyweni futhi kukushukumise.—IHu. 77:12.
18 Kuyasijabulisa ukubona abasha abasiqaphelayo isidingo sabo esingokomoya beba khona emihlanganweni yebandla. Nina basha abangamaKristu ningakhuthaza abanye ngokunikeza izimpendulo eziwusizo ngaso sonke isikhathi phakathi nemihlangano. Kwenzeni kube umgomo ukuphendula okungenani kanye kuyo yonke imihlangano. Hlakulelani ubuhlobo obufudumele nabantu babo bonke ubudala ebandleni ngokuba nobudlelwane obakhayo nabo ngaphambi nangemva kwemihlangano. (Heb. 10:24, 25) Umzalwane othile osemusha wathi abazali bakhe babemkhuthaza ukuba axoxe okungenani nomzalwane noma udade osekhulile oyedwa kuyo yonke imihlangano. Namuhla uyakwazisa okuhlangenwe nakho aye wakuzuza ngokuzihlanganisa namalungu asekhulile ebandla.
19 Phishekela Imigomo Engokomoya: Kuyadabukisa ukuthi intsha eningi iphila ukuphila okungenanjongo nokungaqondiswa. Nokho, ingabe akujabulisi yini ukuba nomuzwa obangelwa ukuzibekela imigomo engokwasezulwini nokuyifinyelela ngokuphumelelayo? Lemigomo, lapho iphishekelwa ngokukhanyiselwa yimfundo yaphezulu, iyomanelisa umuntu manje futhi ekugcineni iyoholela ensindisweni yaphakade.—UmShu. 12:1, 13.
20 Lapho uzibekela imigomo, kwenze kube indaba yomthandazo. Khuluma nabazali bakho nabadala. Zihlole wena namakhono akho, bese ubeka imigomo yakho ngokuvumelana nalokho oyokwazi ukukufinyelela futhi ungazifanisi nomunye umuntu. Wonke umuntu uhlukile—ngokomzimba, ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomoya. Ngakho-ke, ungalindeli ukufeza konke omunye umuntu aye wakufeza.
21 Yimiphi eminye imigomo ongase uyiphishekele? Uma ungakabi ummemezeli noma ungakabhapathizwa, kungani ungenzi lokhu kube imigomo yakho. Uma usungummemezeli, ungazibekela umgomo wokuchitha isilinganiso esithile sesikhathi enkonzweni isonto ngalinye. Sebenzela ekubeni umfundisi onekhono ezimpindelweni, futhi zibekele umgomo wokuqhuba isifundo seBhayibheli. Uma ungomusha obhapathiziwe osafunda esikoleni, kungani ungazibekeli umgomo wokuba iphayona elisizayo phakathi nezinyanga zehlobo? ‘Kuningi okungase kwenziwe emsebenzini weNkosi.’—1 Kor. 15:58, qhathanisa ne-NW.
22 Usizo Lwabazali Lubalulekile: Intsha ebandleni akufanele neze ibe nomuzwa wokuthi iyodwa emzamweni ewenzayo wokuthola ukuphila. UJehova, ngenhlangano yakhe, ulungiselele iseluleko sokusiza lentsha ekwenzeni izinqumo nsuku zonke futhi inqobe izithiyo ekuphileni. Njengokulindelekile, abazali abazinikezele banomthwalo wemfanelo oyinhloko wokusiza abantwana babo ukuba benze izinqumo ezifanele. Kweyoku-1 Korinte 11:3, iBhayibheli lithi indoda iyinhloko yekhaya. Ngakho-ke, ekhaya lamaKristu, njengoba inkosikazi isebenza naye ngokuseduze, ubaba uyahola ekufundiseni abantwana imiyalo kaNkulunkulu. (Efe. 6:4) Lokhu kwenziwa ngokuqeqesha ngesineke okuqala ebuntwaneni. Njengoba ubuchopho bomntwana bukhula ngokuphindwe kathathu phakathi nonyaka wokuqala ekuphileni, abazali akufanele neze balibukele phansi ikhono losana lokufunda. (2 Thim. 3:15) Njengoba abantwana bekhula, abazali kudingeka ngokuqhubekayo babafundise ukuthanda uJehova nokuhlakulela ubuhlobo obuhle naye.
23 Isibonelo esihle sabazali siyisici esingcono kakhulu okufanele kuqalwe ngaso. Lokhu kuyokwenza lukhulu ekusizeni abantwana bakho ngokomoya kunokubatshela ngalokho okufanele nabangafanele bakwenze. Ukubeka isibonelo esihle njengabazali kuyohlanganisa ukubonisa izithelo zomoya ekhaya, kumngane wakho womshado nakubantwana bakho. (Gal. 5:22‚ 23) Abaningi baye bazibonela kokuhlangenwe nakho kwabo ukuthi umoya kaNkulunkulu uyithonya elinamandla lokwenza okuhle. Ungakusiza ukuba ulolonge izingqondo nezinhliziyo zabantwana bakho.
24 Abazali kudingeka babeke isibonelo esihle nasemikhubeni yesifundo somuntu siqu, ukuba-khona emihlanganweni, nokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini. Uma ukhuluma ngeqiniso ngentshiseko ekhaya, uhola ngentshiseko enkonzweni, futhi unesimo esiqondile ngesifundo somuntu siqu, abantwana bakho bayokhuthazeka ukuba babe nesithakazelo esiqotho ezindabeni ezingokomoya.
25 Lapho silungiselelwe kucatshangelwa izidingo zabo bonke, isifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke, nesizuzisayo singaba esithakazelisayo nesijabulisayo, sibe isikhathi sobunye bomkhaya obuqinisekisayo. Zinikeze isikhathi ukuze ufinyelele izinhliziyo zabantwana bakho. (IzAga 23:15) Nakuba imikhaya eminingi isebenzisa lesisikhathi ukuze ilungiselele iSifundo Se-Nqabayokulinda samasonto onke, ngezikhathi ezithile kungaba okukhuthazayo ukucabangela isidingo esithile somkhaya. Ukubuza imibuzo edinga imibono nokulalela izimpendulo zelungu ngalinye lomkhaya kuyonikeza ukuqonda futhi kuqabule. Ukuqhuba isifundo esizuzisa ilungu ngalinye lomkhaya kuyinselele yangempela enhlokweni yomkhaya. Kodwa yeka ukuthi kunomvuzo kanjani lapho bonke bekhula ngokomoya! Ngokugcina wonke umuntu ehilelekile, kuyoba nomoya wenjabulo.
26 Ukuqeqesha kwenu kothando, nokuqondiswe kubo ngokukhethekile kubalulekile manje ukuze kusindiswe ukuphila kwabantwana benu. (IzAga 22:6) Nicabanga ngalokhu, kulula ukuqonda ukuthi lokhu kungase kube ukufundisa okubaluleke kakhulu kukho konke eniyoke nikwenze. Ningalokothi nicabange ukuthi ninodwa kulomsebenzi okhethekile nobalulekile. Fundani ukuthembela ngokuphelele kuJehova ukuze nithole isiqondiso ekunakekeleni imithwalo yemfanelo yomkhaya wenu. Akugcini lapho. Kunabanye abangaba usizo kakhulu.
27 Lokho Abanye Abangase Bakwenze Ukuze Basize: Abadala bangahlanganisa intsha, kanye nabazali bayo, ekuhlanzeni iHholo LoMbuso. Khuthazani abantwana emihlanganweni yebandla. Abadala nezinceku ezikhonzayo ababelwe izingxenye eMhlanganweni WeNkonzo kufanele baqaphele izandla ezincane eziphakanyisiwe lapho kunezingxenye okuhlanganyela kuzo izilaleli. Funani amathuba okusebenzisa intsha eyisibonelo emibonisweni nabazali bayo. Enye ingase ibuzwe imibuzo futhi inikeze izimpendulo ezimfushane.
28 Ningayibukeli phansi imizamo yayo. Intsha iye yaba usizo ngempela ebandleni. Ngesibonelo sayo esihle, eningi iye ‘yahlobisa isifundiso sikaNkulunkulu, uMsindisi wethu.’ (Thithu 2:6-10) Siphaphameleni isidingo sokutusa abasha abaye bahlanganyela ngisho nangezinga elincane. Lokhu kubakhuthaza ukuba balungiselele futhi babe nesifiso sokukuphinda esikhathini esizayo. Isithakazelo esinjalo asinakulinganiswa; siyigugu. Wena njengomdala noma inceku ekhonzayo uke uye yini emalungwini amancane ebandla uwatuse ngenkulumo noma umboniso awenzile emhlanganweni?
29 Maphayona, yini eningayenza ukuze nibasize? Kungani ningabukezi isimiso senu ukuze nibone ukuthi ningazihlanganisa kanjani izingane zesikole emalungiselelweni enu antambama nangezimpelasonto? Ingabe nikhuluma kahle ngenkonzo yesikhathi esigcwele eniyikhethile? Ingabe ngesimo senu sobuso nibonisa ukuthi niyayijabulela inkonzo yenu? Ingabe niyayitusa kwabanye, ikakhulukazi abasha? Lapho nisebenza endlini ngendlu, ingabe inkulumo yenu iyakha futhi iqondile? Uma kunjalo, khona-ke njengephayona nawe unengxenye kulomsebenzi wokuqeqesha obaluleke kakhulu.
30 Bonke ebandleni kufanele bawuqaphelisise lomsebenzi obalulekile wokuqeqesha abasha. Ingabe ungawenza amalungiselelo aqondile okusebenza nabo enkonzweni yasensimini? Ingabe ungalungiselela intshumayelo nabo ubahlomisela umsebenzi wendlu ngendlu? Ingabe uyawaphaphamela amathuba okubakhuthazela imisebenzi engokomoya yesikhathi esizayo lapho nisebenza ndawonye enkonzweni? Ummemezeli ngamunye kufanele aqaphele ukuthi ngisho namazwi ambalwa angabenza babe nemicabango eqondile ngemigomo engokomoya yokuphila kwabo konke, okuyomzuzisa phakade umuntu osemusha.
31 Intsha Ingazisiza Yona Uqobo: Basha, siyanikhuthaza ngabanye ukuba niqhubeke nilalela izimfundiso zikaJehova futhi nikulahle lokho okunikezwa yizwe. Qhubekani nizivivinya ngokuhlola ukuziphatha kwenu nendlela enizizwa ngayo ekujuleni kwezinhliziyo zenu. Siyini isimo sakho sengqondo ngakuJehova nalokho akulindele kuwe ekuphileni kwansuku zonke? Ingabe ulwisana kanzima nethonya lemibono kaSathane? (1 Thim. 6:12) Njengoba abantu, ikakhulukazi abasha, ngokwemvelo benesifiso sokwamukelwa ontanga yabo, ingabe uzithola uyengelwa ukuba ulandele isixuku ekwenzeni okubi? (Eks. 23:2) Umphostoli uPawulu wakuqonda ukuthi kuyacindezela kakhulu ukuzivumelanisa nezindlela zezwe.—Roma 7:21-23.
32 Kudinga isibindi ukumelana nethonya lezwe, ukuthatha inkambo ehlukile kweyontanga bezwe, nokulalela izimfundiso zikaNkulunkulu. Amadoda asendulo akwenza ngempumelelo enkulu lokho. Cabangela isibindi sikaNowa. Walahla lonke izwe ngokholo lwakhe nangokuhlala ehlukile kubenzi bobubi besikhathi sakhe. (Heb. 11:7) Yilwa kanzima ngoba kuwufanele umzamo. Ungalingisi ababuthakathaka, abangenamandla okumelela okulungile, nabangamagwala abalandela isixuku sikaSathane. Ngokuphambene, funa ukuzihlanganisa nalabo abamukelekayo kuJehova. (Fil. 3:17) Zigcine uphakathi kwabangane abayohamba eceleni kwakho ningene nabo ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe. (Fil. 1:27) Hlala ukhumbula ukuthi yinye kuphela indlela eholela ekuphileni okuphakade.—Math. 7:13, 14.
33 Uma kusijabulisa thina ukubona abasha bedumisa futhi bazisa uNkulunkulu wethu, yeka ukuthi kumelwe ukuthi yena kumjabulisa kangakanani! Akungabazeki ukuthi uJehova uyakujabulela ukubona abasha behlanganyela ngokugcwele ekumemezeleni izinjongo zakhe ezinhle. ‘Bayifa’ elivela kuye, futhi ufuna bathole okungcono kakhulu. (IHu. 127:3-5; 128:3-6) Ebonakalisa isithakazelo uYise anaso, uKristu Jesu wayekujabulela kakhulu ukuba nabantwana abancane, futhi wazinika isikhathi sokubakhuthaza ekukhulekeleni kwabo uJehova. Wababonisa uthando olujulile. (Marku 9:36‚ 37; 10:13-16) Ingabe abasha bethu sibabheka ngendlela uJehova noKristu Jesu abababheka ngayo? Ingabe intsha ebandleni lethu iyayiqaphela indlela uJehova nezingelosi ababubheka ngayo ubuqotho bayo nesibonelo esihle? Kufanele ituswe futhi ikhuthazwe ukuba ijabulise uJehova ngokulwela ukufinyelela imigomo engokomoya. Basha, phishekelani imigomo eyonenza nithole izibusiso manje nasesikhathini esizayo.