Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/93 k. 6
  • Inyanga Ekhethekile Yenkonzo Yasensimini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inyanga Ekhethekile Yenkonzo Yasensimini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yiba Iphayona Elisizayo NgoDecember
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ingabe Singaphinda Sikwenze?—Kunesinye Isimemo Samaphayona Asizayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 11/93 k. 6

Inyanga Ekhethekile Yenkonzo Yasensimini

1 Ingabe u-December angaba inyanga ekhethekile yenkonzo yasensimini kuwe? Kungase kudingeke wenze ukulungisa okuthile esimisweni sakho esivamile, kodwa ingabe imivuzo ayinakukwenza yini kufaneleke ukwenza kanjalo?

2 Abanye abamemezeli abasebasha ababhapathiziwe bayoba nezinsuku ezengeziwe bengayi esikoleni futhi bangathanda ukubhalisa njengamaphayona asizayo kulenyanga. Yeka ukuthi kungabakhuthaza kanjani ukuba abanye babadala, izinceku ezikhonzayo, nabanye abamemezeli basebenze nabo ensimini! Uma izimo zakho siqu zingakuvumeli ukuba uphayone phakathi nalenyanga, ingabe kungenzeka ukuba uchithe amahora athé xaxa enkonzweni nalabo abayobe bephayona? Ngokuqinisekile lokhu kuyonikhuthaza nonke.

3 Futhi sidinga ukuba nibambisane nathi ukuze siqikelele ukuthi yonke imibiko yenkonzo yasensimini ka-December ilethwa ngesikhathi. Phakathi no-December sizoba neMihlangano yethu Yesigodi ‘Yokufundisa Kwaphezulu’ futhi abanye bayaye baqondanise iholide labo lonyaka nesikhathi sokuya emhlanganweni. Uma uyobe ungekho ebandleni lakini ekupheleni kuka-December, qikelela ukuba uhlanganyele enkonzweni ekuqaleni kwenyanga. Shiya umbiko wakho wenkonzo yasensimini ngaphambi kokuba uye eholidini noma uwuthumele kunobhala webandla kusenesikhathi esanele sokuba uhlanganiswe eMbikweni Webandla waleyonyanga.

4 Uma bonke abamemezeli bezikhandla ngokwengeziwe, abadala bangase bakwazi ukuhlelela ukufakaza njengeqembu usuku ngalunye phakathi nalenkathi yamaholide ukuze labo abangaphayona babe nothile njalo abazosebenza naye enkonzweni yasensimini. Manje isikhathi sokuba njengabantu ngabanye nanjengamaqembu emikhaya nanjengebandla nihlelele ukwenza u-December abe inyanga ekhethekile yenkonzo yasensimini ebandleni lenu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela