Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/93 k. 9
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ingabe Ungakwazi Ukuba Iphayona Elisizayo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ingabe Singaphinda Sikwenze?—Kunesinye Isimemo Samaphayona Asizayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Umgomo Ofanelekayo Wonyaka Omusha Wenkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 4/93 k. 9

IBhokisi Lemibuzo

◼ Kufanele kubhekwe kanjani ukukhonza njengephayona elisizayo?

Ubuphayona obusizayo kufanele bubhekwe kokubili njengelungelo nomthwalo wemfanelo ongathi sína. Kumiswa amashumi ezinkulungwane zabamemezeli inyanga ngayinye ukuze bakhonze njengamaphayona asizayo, futhi abanye benza kanjalo ngokuqhubekayo. Siyabatusa labamemezeli abashisekayo abazimo zabo zibavumela ukuba basebenzise amahora angu-60 adingekayo enkonzweni yasensimini inyanga ngayinye lapho bekhonza njengamaphayona asizayo. Abadala kanye nabanye kufanele bakhuthaze abamemezeli abafaka isicelo senkonzo yamaphayona asizayo ukuba bakuthathe ngokungathi sína ukumiswa kwabo futhi bagweme noma yikuphi ukuthambekela kwesimo sengqondo sokunganaki.

Labo ababa amaphayona asizayo ngokuzithandela inyanga eyodwa noma ngaphezulu kufanele kuqala babale izindleko, njengoba kunjalo ngamaphayona avamile. (Luka 14:28) Lokhu kuhlanganisa ukunquma kusengaphambili ukuthi bangakwazi yini ukulindela ngokunengqondo ukusebenzisa isikhathi esidingekile enkonzweni yasensimini ngaphandle kokudebeselela eminye imithwalo yemfanelo yobuKristu. Isinqumo somuntu sokubhalisa njengephayona elisizayo kufanele senziwe ngemva kokucabangela izimo zakhe siqu ngomthandazo. Akufanele sishukunyiswe imizwelo evuswa ukuthi abanye bafaka isicelo. Kufanele kube isinqumo esicatshangelwe kahle, esihambisana nokwenza isimiso esibhaliwe sokugcwalisa izimfuneko. Kubalulekile ukufunda isicelo ngokucophelela futhi umuntu anqume enhliziyweni yakhe siqu ukuthi angakwazi yini ukuvumelana ngokwethembeka nalokho okudingekayo.

Yiqiniso, kuhileleke ukuzikhandla okwengeziwe. Ezinye izinyanga phakathi nonyaka ziba ezikufanelekele kahle ukuba ‘matasa’ nokushumayela izindaba ezinhle. (IzE. 18:5) Lezi zihlanganisa inkathi yeSikhumbuzo ka-March no-April nezinyanga lapho umbonisi wesifunda evakashela ibandla. Abamemezeli abaningi ngenjabulo baziphatha ngengalo eqinile ukuze balandele isimiso esibophayo esizobenza bakwazi ukuhlanganyela ngokwengeziwe emsebenzini wokushumayela phakathi nalezikhathi zomsebenzi okhethekile, beqonda ukuthi ngokuvamile umphumela uba izibusiso ezicebile. (2 Kor. 9:6) Abamemezeli abaningi benza imizamo ekhethekile yokuphayona phakathi nezinyanga zamaholide nanganoma iyiphi inyanga enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele phakathi nonyaka. Kodwa lapho befaka isicelo, bayasiqonda isidingo sokunamathela esimisweni esithi ‘Uyebo wenu makabe uyebo’ ngokwenza konke okusemandleni abo ukuze babike amahora angu-60 noma ngaphezulu inyanga ngayinye lapho bekhonza njengamaphayona asizayo.—Math. 5:37.

Abamemezeli abangase bangakwazi ukuphayona bangasiza ngokuzenza batholakalele ukuba basebenze namaphayona asizayo, behlela izikhathi eziqinisekisiwe nawo. Kuyasiza ukuba senkonzweni isikhathi eside ngokwengeziwe namaphayona lapho kungenzeka. Amaphayona angakwazisa ngokukhethekile ukusekela kwabanye abamemezeli phakathi namahora asekuseni kakhulu, ntambama, noma kusihlwa. Amaphayona asizayo ayakujabulela ukumenyelwa ukuba asebenze nabanye ekwenzeni izimpindelo nasekuqaliseni izifundo zeBhayibheli zasemakhaya. Ngakho labo abangase basekele amaphayona asizayo bayovuna injabulo enkulu ngokwengeziwe elethwa ukuphana.—IzE. 20:35.

Yaziswa ngokujulile inkuthalo yamaphayona amaningi asizayo. Labo abakwaziyo ukuhlanganyela nawo bangalindela izibusiso ezicebile. (IzAga 10:4) Ungahlanganyela nini ngokulandelayo enjabulweni yomsebenzi owandisiwe njengephayona elisizayo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela