Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/93 k. 2
  • Imihlangano Yenkonzo Ka-December

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yenkonzo Ka-December
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-December 6
  • Isonto Eliqala Ngo-December 13
  • Isonto Eliqala Ngo-December 20
  • Isonto Eliqala Ngo-December 27
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 12/93 k. 2

Imihlangano Yenkonzo Ka-December

PHAWULA: INkonzo Yethu YoMbuso izokuba nesimiso soMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye phakathi no-December no-January. Amabandla angenza ushintsho oludingekile ukuze kube nesikhathi sokuya eMhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” kanye nokubukezwa kwamaphuzu avelele esimiso okuthatha imizuzu engu-30 okuyokwenziwa eMhlanganweni Wenkonzo wesonto elilandelayo. Ukubukezwa kwesimiso somhlangano wesigodi sosuku ngalunye kufanele kwabelwe kusengaphambili abazalwane abafanelekayo ababili noma abathathu abayokwazi ukugxila emaphuzwini avelele. Lokhu kubukeza okulungiselelwe kahle kuyosiza ibandla ukuba likhumbule amaphuzu ayisihluthulelo okusetshenziswa ngokomuntu siqu nasensimini. Ukukhulumela kwezilaleli nokuhlangenwe nakho kufanele kube kufushane futhi kushaye emhloleni.

Isonto Eliqala Ngo-December 6

INgoma 205

10 imiz:Izaziso zebandla neZaziso ezikhethwe ku-Nkonzo Yethu YoMbuso.

20 imiz:“Ukubonakalisa Uthando EMhlanganweni ‘Wokufundisa Kwaphezulu.’” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo eyenziwa isebenze ebandleni. Khumbuza bonke ukuba bazitholele amabheji futhi bawafake njalo, ngisho nalapho beya noma bebuya emhlanganweni.

15 imiz:“Izikhumbuzo Ezifike Ngesikhathi.” Ingxoxo okufanele isingathwe unobhala. Sebenzisa nokwaziswa okusencwadini yethu yango-October 18, 1993 eyayibhalelwe wonke amabandla. Nxusa bonke ukuba balandele leziqondiso ngokucophelela ukuze kuqikelelwe ukuthi kunombiko omuhle ngo-December.

INgoma 169 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-December 13

INgoma 146

10 imiz:Izaziso zebandla, umbiko wezimali, kanye nokubonga iminikelo. Tusa ibandla ngokusekela izidingo zebandla, iSikhwama Sokwakhiwa KwamaHholo OMbuso, nomsebenzi weNhlangano womhlaba wonke. Sikisela iphuzu elilodwa noma amabili okukhulunyelwa angase asetshenziswe esethulweni enkonzweni yasensimini kulempelasonto.

20 imiz:“Siza Abanye Ukuba Bafunde NgeNdodana KaNkulunkulu, UJesu Kristu.” Sihlanganiswe ngemibuzo nezimpendulo. Yenza imiboniso yezintshumayelo ezisesigabeni 2 (wenziwe ummemezeli onokuhlangenwe nakho) nesigaba 4 (wenziwe ummemezeli osemncane). Khuthaza bonke ukuba bahambise incwadi ethi Umuntu Omkhulu kokubili endlini ngendlu nasekufakazeni ngokwethukela.

15 imiz:“Ukuqalisa Izifundo ZeBhayibheli Phakathi No-December.” Ingxoxo nezilaleli. Lapho nicabangela isigaba 4, bonisa indlela yokuqalisa isifundo seBhayibheli empindelweni. Khuthaza bonke ukuba baqhube isifundo seBhayibheli inyanga ngayinye, uma kungenzeka.

INgoma 165 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-December 20

Ngoma 189

5 imiz:Izaziso zebandla. Yisho amalungiselelo ebandla okufakaza okukhethekile ngo-December 25.

15 imiz:“Finyelela Inhliziyo Yomuntu Ofunda Naye IBhayibheli.” Ibe imibuzo nezimpendulo kanye nomboniso. Gcizelela iphuzu lokuthi bonke ebandleni kufanele basebenzele ekuthuthukiseni ikhono lokufundisa. Ngemva kokucabangela isigaba 3, ummemezeli ubonisa indlela yokubonisana nomuntu afunda naye iBhayibheli ngokusebenzisa imibuzo kanye nemibhalo esezigabeni 13 no-14 esahlukweni 1 sencwadi ethi Ungaphila Phakade.

15 imiz:“Bekela Eceleni Isikhathi Somsebenzi Kamagazini.” Inkulumo, nengxoxo nezilaleli. Lapho nicabangela isigaba 3, bonisa indlela izihloko ezihlukahlukene zomagazini bamuva ezingahanjiswa ngayo ezinhlotsheni ezihlukahlukene zabantu eningase nihlangane nabo ensimini yebandla.

10 imiz:“Hlwanyela Kakhulu Ukuze Uvune Kakhulu.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Yenza ukwaziswa kusebenze ebandleni. Yazisa ibandla ngamalungiselelo okuhlanganyela emsebenzini kamagazini isonto ngalinye. Yisho inani lezifundo zeBhayibheli eziqhutshwayo ebandleni futhi usho nokuthi bangaki abafundi abasha abaye benziwa phakathi nonyaka odlule. Khuthaza bonke ukuba benze umzamo wenkuthalo wokuba nengxenye egcwele ekuhambiseni omagazini nasemsebenzini wezifundo zeBhayibheli.

INgoma 61 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-December 27

INgoma 37

15 imiz:Izaziso zebandla. IZindaba EzingokwaseZulwini. Yenza isaziso samalungiselelo akhethekile okufakaza ngo-January 1. Bonisa indlela yokusebenzisa incwadi ezohanjiswa ensimini ngo-January.

15 imiz:“Yenza Inkonzo Yakho Ngomphefumulo Wonke.” Inkulumo enikezwa umdala. Lapho nixoxa ngesigaba 2, nikeza ukukhulumela okufanelekayo kwesikhombo se-Nqabayokulinda. Ekuphetheni funda futhi ubonise ukusebenza kukaMalaki 3:10.

15 imiz:“I-Yearbook—Inqolobane Yesikhuthazo.” Inkulumo enikezwa ngentshiseko eqokomisa indlela imibhalo ekhonjiwe esebenza ngayo. Hlela ukuba abamemezeli abalungiselele kahle balandise ngokufudumele okuhlangenwe nakho okusesihlokweni kanye nokuhlangenwe nakho okutholakala ku-Nqabayokulinda ka-January 1, 1990, January 1, 1987 yesiNgisi, neka-January 1, 1986 emakhasini 32.

INgoma 120 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela